Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMangcoba Mabuya noKgotso Mabilo bahlezi bengamathe nolimi emigwaqeni yase-Tsakane.
Kunzima ukuphuthelwa ilabangani abahamba ngesihlalo esinamasondo njengoba uKgotso edonsa isihlalo sikaMangcoba esihamba ngogesi ngemodeli yakhe esebenza ngogesi begijima ngo-5 kph isivinini.
Laba bobabili bahlala e-Tsakane, endaweni yase-Ekurhuleni kanti babonwe i-Scrolla.Africa behamba ngezihlalo ezinamasondo emgwaqeni e-Modjadji besendleleni yokuyogubha usuku lokuzalwa lukaKgotso oneminyaka engu-28.
Abashayeli bezimoto nabahamba ngezinyawo bebezwakala bememeza beshaya amakhwela abanye beshaya amahutha kulaba bangani ababili abebehamba ngesivinini esiphezulu.
Laba bobabili bahlangana eminyakeni eyisikhombisa edlule e-Muriel Brand School esikoleni sabafundi abakhubazekile.
UMangcoba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafunde ukwesekana bendawonye eminyakeni edlule.
“Sobabili siyathanda ukuphumela ngaphandle. Kodwa kwakudingeka ngithembele kwabanye ukuba bangiphushe ngemuva. Senza isu lokukwazi ukuzimela, uKgotso ujwayele ukungidonsa ngemuva kwesihlalo sakhe esinamasondo esihamba ngogesi.
“Lokhu kwenza impilo yethu ibe lula ngoba siyakwazi ukufinyelela ezindaweni ezahlukene ngaphandle kokusebenzisa ezokuthutha.”
Laba bobabili bayenqaba ukudatshukelwa. Babhalise inkampani yokwakha eyenza imisebenzi engajwayelekile emphakathini.
“Kungenzeka ukuthi siphila nokukhubazeka, kodwa lokho akusho ukuthi ngeke sikwazi ukwenza ezinye izinto. Eminyakeni edlule sifunde izinto eziningi esingazenzela zona,” kusho uMangcoba.
“Sinamakhono nolwazi kwezamabhizinisi kulo mkhakha. Leli ithuba lokudala amathuba omsebenzi endaweni ngoba sinabasebenzi abasisizayo ngemisebenzi enzima.”
UKgotso uthe ujabule ngokugubha olunye usuku lokuzalwa nomngani wakhe wesikhathi eside.
“UMangcoba usephenduke uxhaso empilweni yami futhi uyangikhuthaza ukuthi ngifeze amaphupho nezifiso zami futhi uyangisiza ukuthi ngingazifakeli ingcindezi ngenxa yokukhubazeka kwami.”
Isithombe esingenhla: Abangani uMangcoba noKgotso
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo