Sebenzisani imali yenu yesibonelelo niyeke umhlaba wami, kusho iNduna

Elmon Tshikhudo

Imizamo yomndeni ompofu yokuzikhipha enhluphekweni edlulele ikhungathekiswa ngumholi wase-Limpopo onomona.

Umndeni wabantu abayisishiyagalombili, oholwa odade ababili abangasebenzi, ubulokhu ulwela ukuthola imali yokuziphilisa ngemali yesibonelelo sikahulumeni okuwukuphela komthombo wabo wokuthola imali.

Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuba beqala ibhizinisi elisha lokuthengisa itshe elichotshoziwe.

Leli cebo lifike ngenkathi umndeni uhlela ukwengeza elinye igumbi endlini yabo enekamelo elilodwa kodwa bekufanele balungise umhlaba.

“Indawo inamadwala futhi ibingekho indlela ebesingakha ngayo elinye igumbi ngaphandle kokususa amatshe,” kusho ilungu lomndeni uMaria Muthumuni.

“Siqale ukukhipha amatshe futhi sanquma ukuwachoboza ukuze sizowathengisa njengoba abanye endaweni bebenza.”

Uthe besebewathengisile amanye amatshe agayiwe ngesikhathi kufika isithunywa senduna sibatshela ukuthi bayeke ukuthengisa amatshe.

“Satshelwa ukuthi singawagxoba amatshe kodwa induna izowathengisa yona,” esho.

Induna uZwokundavhalala Radzilani uthe odade – omunye wabo oyisithulu – abanalo ilungelo lokuziphilisa ngomhlaba wakhe.

UMaria uthe imali yokudayiswa kwamatshe izokwengeza kokuncane abanikezwa yimali yesibonelelo, futhi izobasiza ekwakheni igumbi.

“Induna isitshele ukuthi sisebenzise isibonelelo sethu siyeke ukumosha umhlaba wayo. Sicele izinhlaka zendawo ukuba zisize, kodwa lokho akuzange kusebenze. Manje sinethemba lokuthi umphakathi wendawo uzosisiza,” esho.

Ikhansela lendawo, uMnu uEdward Mulefu, uthe balungiselela ukusiza lo mndeni.

Induna uRadzilani yenqabile ukuphawula, yengeza ngokuthi ayiphoqelekile ukuthi ikhulume nabantu engabazi.

Izihloko zakamuva