Sebengu 253 ababhubhe eKZN ngezikhukhula

Celani Sikhakhane

Isibalo sabashonile ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natali sinyuke safinyelela ku-253 sisuka kwabangu-45.

Isibalo kulindeleke ukuthi sikhuphuke kakhulu ezinsukwini ezizayo.

Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo e-KZN umemezele ukuthi zivalwe zonke izikole zakulesi sifunda kuze kube uLwesibili oluzayo kanti uhulumeni uzogxila ekulweni nalesi sibhicongo.

Isikhulu sakwa-Eskom, u-Andrew De Ryte simemezele ukuthi ngeke kucishwe ugesi eThekwini njengoba uMasipala weTheku uyisifunda esithinteke kakhulu esifundazweni.

Amathuna ase-Molweni eNtuzuma nawo agugulwe amanzi njengoba kubonakale amathambo nezingubo zokulala emagcekeni.

UNgqongqoshe wezeMpilo e-KZN uNkk uNomagugu Simelane udalule ukuthi iningi labashonile ligugulwe izikhukhula.

UMengameli uCyril Ramaphosa ochithe isikhathi santambama evakashele izindawo ezithinteke kakhulu kulindeleke ukuthi amemezele isibalo sabashonile.

UMengameli ubehambisana noNdunankulu wase-KZN uMnu uSihle Zikalala noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) uNkosazana Dlamini Zuma eNtuzuma nase-Clermont.

URamaphosa uqinisekise umphakathi ukuthi uhulumeni uzogxila emizamweni yakhe yokuhlinzeka usizo kubantu abakhahlanyezwe izikhukhula okungenzeka ukuthi zibe zimbi kakhulu emlandweni wezwe.

NgoMandulo ngonyaka ka-1987 izikhukhula ezifanayo eThekwini zadlula nempilo yabantu abangu-506 le kwinhlekelele yemvelo eyabulala kakhulu emlandweni waseNingizimu Afrika.

“Izikhukhula ezinje sihlala sizibona emazweni afana ne-Zimbabwe kanye ne-Mozambique kodwa namuhla inhlekelele ilapha eThekwini,” kusho uRamaphosa.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva