Razeen Gutta
Abadlali bebhola abashintsha ubulili, abathandana nobulili obufanayo kanye nalabo abaphakathi nendawo abangakazazi e-Germany bazokwazi ukuzikhethela ukuthi bayafuna yini ukudlala emaqenjini abesilisa noma abesifazane kumemezela i-German Football Federation (DFB).
Awukho umthetho ojwayelekile kwezemidlalo mayelana nokubamba iqhaza kwabasubathi abashintsha ubulili noma abathandana nobulili obubodwa okusho ukuthi bangazikhethela ukuthi bafuna ukudlalela liphi iqembu.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule i-Fina okuyinhlangano eyengamele ezokubhukuda emhlabeni ivotele ngokumelene nabashintsha ubulili ukuba bahlanganyele emiqhudelwaneni yabesifazane.
Esikhundleni salokho i-Fina imemezele ukuthi kuzokwethulwa isigaba esisha esivalela ngaphandle umphakathi we-LGBTQ+.
Ekuqaleni abadlali bebhola e-Germany bebengakwazi ukuzithathela izinqumo, kodwa-ke isinqumo esisha esisebenza kuma-amateur, kuma-junior kanye ne-futsal rulebooks sithi abadlali manje bangazithathela izinqumo.
Kule minyaka emine edlule amadokhumenti omazisi endaweni yokubhalisa yomphakathi yase-Germany abenikeza abantu amalungelo okuthi babhalise ngendlela abayiyo.
Njengoba lokhu kuthinta nebhola i-DFB ithe yenze le mithetho yacaca futhi yabaluleka kubantu bonke.
“Izikhulu zikahulumeni, nabantu ababalulekile emazingeni aphezulu kudala bekhombisa ukuthi kukhona ukungaqiniseki ngendlela yokwamukela abadlali abashintsha ubulili, abathandana nabobulili obuhlukile nalaba abangakazazi ukuthi bangena ngakuphi,” kusho uSabine Mammitzsch, owengamele abesifazane namantombazane nebhola kwi-DFB.
“Ngakho-ke bakwamukela kakhulu ukwethulwa komthetho kazwelonke ophelele ophathelene nelungelo lokudlala.”
Umthombo wesithombe: @TheGuardian