Sebecoshe cishe uR2 billion abakhokhibentela kusukela kwaqubuka ukhuvethe

Celani Sikhakhane

Selokhu kwaqubuka ubhubhane lwe-Covid-19 abakhokhi bentela cishe sebethole u-R2 billion wemali yekhefu lokugula isifundazwe ngasinye okubalwa iGoli neKwaZulu-Natali.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni nokuPhatha u-Ayanda Dlodlo uveze lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo obuzwe yilungu le-DA ePhalamende, uMimmy Gondwe.

UDlodlo uthe abasebenzi bakahulumeni baseGauteng bathole isamba sika-R1.7 billion kwathi abasebenzi base-KZN bathola u-R1.6 billion.

“Kusukela ngoNdasa ka-2020 kuya kuMfumfu ka-2021 zibalelwa ku-R14,346,032,476,” sezizonke izindleko ezitholwe abasebenzi bakahulumeni njengemali ekhokhelwa ikhefu lokugula kanye nekhefu lokungakwazi ukusebenza,” usho kanje.

Leli nani le mali alibandakanyi imali eyakhokhelwa amalungu oMnyango Wezokuvikela.

Okutholakele kuveze ukuthi izindleko zekhefu elijwayelekile ezithathwe ngalesi sikhathi ngabasebenzi bakahulumeni abangu-837,296 eminyangweni kazwelonke neyezifundazwe zibiza imali engaphezu kuka-R11 billion.

Kuphinde kwavela ukuthi abasebenzi beminyango kazwelonke bathole imali elinganiselwa ku-R3 billion ngekhefu lokugula.

Umthombo wesithombe: @SundayTimesZA

Izihloko zakamuva