Izihlabani zokubhukuda zaseNingizimu Afrika uChad le Clos noLara van Niekerk bayabuya ngemuva kwekhefu lokulimala. Bazoqhudelana kuma-South African Short Course Championships aseThekwini kusukela ngoLwesine ngomhlaka-26 kuMandulo kuya ngeSonto ngomhlaka-29 kuMandulo.
Lo mcimbi, obanjelwe eKings Park Pool, uphinde uvumele izihlabani kwiWorld Short Course Championships e-Budapest, e-Hungary, ezoqala ngomhlaka-10 kuya kumhlaka-15 kuZibandlela.
Umpetha wamaCommonwealth Games amahlandla amabili, uVan Niekerk usehlale izinyanga ezimbili engekho ngenxa yokulimala emhlane.
Uzoqhudelana emicimbini yakhe evamile ka-50m kanye no-100m ye-breaststroke kanye no-200m breaststroke, u-100m butterfly, kanye no-100m yomuntu ngamunye.
Njengoba eneminyaka engu-21 ubudala, uVan Niekerk uzizwa ekulungele lokhu futhi evuma ukuthi ukuqeqeshwa kwakhe bekuguquguquka.
“Ukuqeqeshwa bekulokhu kunyuka kancane, kodwa sikwenza ngalokho esinakho,” kusho yena, kubika i TimesLive.
Lona umncintiswano wakhe wokuqala kusukela ngoNhlaba, futhi ufuna ukukujabulela lokhu. Ukuhlanganyela kwakhe e-Budapest kuzoncika ekusebenzeni kwakhe nasekuqeqesheni okuzayo.
Umpetha wama-Olympics ka-2012 uLe Clos usebuyile ngemuva kokulimala ehlombe okumhlalise amasonto ambalwa ngaphambi kwemidlalo yama-Olympics yase-Paris. Uzongenela u-50m, u-100m, no-200m butterfly kanye nemicimbi ye-freestyle ka-50m no-100m.
Lesi sihlabane esineminyaka engu-32 ubudala sizizwa sijabule ngokululama kwaso, sithe:, “Ihlombe lami selingcono. Ngijabule ngempela.”
Yize engakabi umqemane ngokugcwele, uLe Clos unethemba lokuthi kukhona azokuwina eThekwini. Uhlose nokwehlula irekhodi likaRyan Lochte waseMelika lezindondo ezingu-23 kuWorld Short Course Championships. Njengamanje uLe Clos una-19.
Ompetha be-Olympic uMatthew Sates noRebecca Meder nabo bazoqhudelana. USates ungenele imicimbi eyisishiyagalolunye, kanti uMeder uzobamba iqhaza kweyisithupha.
Umncintiswano uqale ngoLwesine.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Esithombeni esingenhla: UChad le Clos.
Umthombo: Chad le Clos/X