Qhude manikiniki zindala zombili, kazi iliphi iqembu elizothatha isicoco

Dylan Bettencourt

Njengoba iNingizimu Afrika yonkana ibhekene nehlobo elihambisana nokushisa, iqhwa lasebusika liyawa e-Europe njengoba sekuzoqala isikhathi sokuba matasa sokuqala kwesizini engundabamlonyeni kule nyanga kaZibandlela.

I-English Premier League isisondela emaphethelweni, kanti amaphuzu amabili nje kuphela ahlukanisa amaqembu amathathu aphezulu, i-Manchester City, i-Liverpool kanye ne-Chelsea. Lamaqembu azimisele ukulwela isicoco ngesikhathi samaholidi njengoba umdlalo wamanqamu ususeduze kakhulu kunakuqala.

Njengoba imidlalo eminingi yenzeka njalo ezinsukwini ezimbili kuya kwezintathu, abalandeli kufanele bazikhethele, ngoba ngeSonto ngomhlaka-19 kuZibandlela i-Tottenham Hotspur ibhekana ne-Liverpool ngo-6:30 ntambama.

Zizobe zibambene phezulu njengoba iqembu lase-London lizobuyela enkundleni ngemuva kwesonto limisiwe ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19 eqenjini.

Unyaka omusha uzoqala ngelinye igiya njengoba i-Arsenal izobhekana ne-Manchester City ngosuku lokuvula unyaka emdlalweni wokuqala we-Premier League wangonyaka ka-2022 ngo-2:30 ntambama.

Ngemuva kosuku kuzobonakala umdlalo omkhulu kunayo yonke kule sizini njengoba i-Chelsea izobhekana ne-Liverpool. Womabili la maqembu abheke isicoco salo mdlalo olindeleke ukuthi udlalwe ngeSonto mhlaka-2 ngoMasingana ngo-6:30 ntambama. Imidlalo phakathi kwala maqembu womabili ihlale inzima, kungakhathalekile ukuthi iligi ikusiphi isigaba kodwa njengoba bezolwela isicoco, abalandeli ngeke bafune ukuphuthelwa yilo mdlalo.

Yonke imidlalo ye-English Premier League ingabukwa bukhoma ku-DStv Channel 203 phakathi namaholidi.

➔ I-DStv Premiership ibhekwe ngabomvu njengoba kubukeka sengathi i-Mamelodi Sundowns izohlulwa, kodwa ngaphambi kokuthi abalandeli baseNingizimu Afrika bathathe ikhefu likaKhisimusi ngoLwesine mhlaka-23 kuZibandlela, kunemidlalo abangazibisa ngayo ngaphambi kokuba iligi ivale amasonto amathathu.

NgoLwesihlanu ngomhlaka-17 kuZibandlela kuzodudulana izinkunzi ezimbili zebhola njengoba i-Sundowns izobhekana ne-Orlando Pirates ePitoli, kanti umlando wakamuva phakathi kwala maqembu womabili wenza i-Pirates ibukeke kabi, kodwa abalandeli beqembu bazobe benethemba lokuthi bangase bayihlule i-Sundowns okokuqala ngqa kule sizini.

Ngakolunye uhlangothi lase-Soweto, i-Kaizer Chiefs idlale ngokukhulu ukuzimisela kule sizini njengoba yashiya iphoxile ngesizini edlule. Manje ibhekene nohambo oluya eThekwini ukuyobhekana ne-Royal AM eyagcina ibahlule ngamagoli amane eqandeni ekuqaleni kwale sizini.

Amakhosi okumanje ahlezi endaweni yesibili kuligi azobe ehlose ukulungisa ukuhlulwa kwawo ngokuwathola wonke amaphuzu amathathu kubadlali abasanda kungena kuligi.

Yonke imidlalo yebhola ingabukwa bukhoma ku-DStv Channel 204.

➔ Umdlalo wekhilikithi uzoba ngomunye wemidlalo ebukwa kakhulu njengoba ama-Proteas eqala umdlalo wawo ebhekene ne-India nge-Boxing Day, ngomhlaka-26 kuZibandlela e-SuperSport Park e-Centurion. Kuzobe kuwumdlalo omkhulu phakathi kwala maqembu womabili.

Umdlalo wokuqala kwemithathu uzodlala nge-Boxing Day ngo-10 ekuseni ngeSonto, njengoba ama-Proteas ebheke ukuqeda unyaka bese eqala unyaka omusha ngokuwina. Lona kuzoba umsebenzi onzima njengoba bezobhekana neqembu elizimiselayo.

Yonke imidlalo yekhilikithi izovezwa bukhoma ku-DStv Channel 201.

Izihloko zakamuva