“Qaphela ikhambi eliyisimangaliso likaKhulubuse”

Lungani Zungu

Umxube ohanjiswe nguKhulubuse Zuma awubhalisiwe.

I-South African Health Products Regulatory Authority (i-SAHPRA) isixwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisa umuthi wokwelapha osatshalaliswa ngumshana kalowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz uJacob Zuma, uKhulubuse Zuma, ngokuzibeka engcupheni.

Lokhu kuza yize uKhulubuse ethi lo mkhiqizo usindise impilo yakhe.

UYuven Gounden, umphathi wezokuxhumana kwa-SAHPRA uthe: “Sizwile ngalo mkhiqizo, futhi singakuqinisekisa ukuthi awubhalisiwe impela.”

Ebuzwa ukuthi kuphephile yini ukusebenzisa lo mkhiqizo, uGounden uthe: “Kunzima ukusho ngalesi sikhathi ngoba sisazokwenza ucwaningo lwethu. Kodwa ngokuvamile, sithanda ukuthi abantu basebenzise imikhiqizo ebhalisiwe.”

Uthe bazokwenza ucwaningo maduze, wathembisa ukuthi imiphumela izobe isilungile emasontweni amabili.

UKhulubuse, ongusomabhizinisi onobudlelwano nomkhakha wezimayini, uthe bahambise i-Galela Oil kuziphathimandla zezempilo ukuze kwenziwe ucwaningo kodwa basalinde imiphumela.

UKhulubuse uthe wajoyina leli bhizinisi ngemuva kokugula kakhulu enezimpawu ze-Covid-19 futhi wazama i-Galela Oil.

“Ngasinda ngobusuku obubodwa. Yilapho enganquma ukujoyina leli bhizinisi ngisize ekusabalaliseni umkhiqizo,” kusho uKhulubuse.

Uthe lo mkhiqizo bawunikeze izindawo lapho okudlange khona khakulu i-Covid-19 e-KZN, e-Gauteng, e-Eastern Cape nase-Western Cape.

I-Galela Oil inehhovisi elikhulu eGoli. Amanani emikhiqizo aqala kumali eyizi-R900 kuya kweziyi-R15,000 kuya ngephakeji. Uthe impendulo yabantu ingaphezu kwalokho abakulindele.

UMnuz uThami Mtshali, ongumnikazi webhizinisi, uthe bazoqhubeka nokusabalalisa umkhiqizo wabo ngesikhathi besalinde imiphumela yokuhlolwa ephuma ku-SAHPRA.

UMtshali wengeze ngokuthi bathole imiphumela yokuhlolwa kuMkhandlu Wezocwaningo Lwezesayensi Nezezimboni (i-CSIR), lapho ayeyilungu lebhodi khona. “Abatholanga lutho oluyingozi futhi baphetha ngokuthi lo mkhiqizo uphephile ukuthi ungadliwa.”

UMtshali, oneziqu zobunjiniyela bamakhemikhali azithola e- University of Akron, e-Ohio, e-USA uthe sebedayise amabhodlela acishe abe kweyizi-30 000 ezweni lonke.

Uthe bafuna ukusiza uhulumeni waseNingizimu Afrika.

“Sifuna ukusiza izwe lethu ukulwa ne-Covid-19 nokubona abantu abaningi belulama.”

Izihloko zakamuva