Everson Luhanga
Ukuvinjwa kwezimoto emgwaqeni kuyindlela ehlukile yokubungaza inyanga yabesifazane.
Kodwa yilokho impela iqembu lamaphoyisa abesifazane elinqume ukukwenza ngenkathi libeka isivimbamgwaqo esikhulu komunye wemigwaqo edume kakhulu eGoli e-Vlakfontein, eningizimu yedolobha.
Amaphoyisa, aholwa nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, uFaith Mazibuko, amise izimoto ezidlulayo ahlawulisa lezo ebezingakulungele ukuba semgwaqeni. Abesifazane abaningi bomphakathi bajoyine amaphoyisa ukuze kuqhutshwe lo mkhankaso.
Kwelinye itekisi, amaphoyisa athole ucelemba omusha ocwebezelayo obuphethwe umshayeli wetekisi. Wabekwa icala lokutholakala nesikhali esiyingozi.
Abashayeli abaningana abamisiwe bebenamalayisense aphelelwe yisikhathi. UMazibuko ubaluleke ngokuthi bavuselele amalayisense abo futhi waxwayisa nabashayeli bezimoto ukuthi ngeke kusaba nesikhathi somusa ngemuva komnqamulajuqu kaNcwaba.
UNgqongqoshe uthe bakhethe lo mgwaqo ngoba udume ngezingozi. Emasontweni ambalwa edlule, umama nezingane zakhe ezimbili bashayiswe ngumshayeli okuthiwa ubephuzile.
“Bobathathu bashonele endaweni yesigameko,” kusho uMazibuko.
Isivimbamgwaqo besiqhutshwa kakhulu ngamaphoyisa abesifazane ukukhombisa ukuthi “abesifazane banamandla kuyo yonke imiphakathi yethu”.
UMazibuko unxuse abantu besifazane ukuba basizane ngezikhathi ezinzima. “Sinamandla njengabesifazane uma sibambisene ndawonye”.
Ngenkathi isivimbamgwaqo sisaqhubeka, iqembu labesifazane lamalungu omphakathi, ikakhulukazi amantombazane amancane, lifike liphethe izimpawu ezithi: Amadoda angempela avikela abesifazane.
Umholi waleli qembu, uBertha Petlele, uthe umphakathi wabo ubanjwe wudlame lokuhlukunyezwa ngokobulili.
“Abesifazane abaningi bahlukunyezwa ngozakwabo besilisa futhi sesijoyine isivimbamgwaqo ukufundisa abantu ukuthi le nkinga idinga ukulungiswa,” kusho uBertha.
UKatlego Mofokeng unxuse amaphoyisa noNgqongqoshe ukuthi bazibonakalise ngokuqinile emiphakathini yabo – ikakhulukazi ebusuku uma abahlukumezi bedakwe utshwala.