Phansi amaphaphu ngopokisi wezinkawu kuleli

Dylan Bettencourt

I-National Institute for Communicable Diseases (NICD) ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi iNingizimu Afrika ayinabo abantu abatheleleke ngopokisi wezinkawu.

Ngemuva kokutholakala kwabantu ababili abathelelekile e-United Kingdom ngomhlaka-13 kuNhlaba, sekuqinisekisiwe ukutheleleka kwabantu abangu-145 emazweni angu-15 ahlukene.

“Ezimweni ezinolwazi olutholakalayo, abesilisa babalelwa ngaphezu kuka-70%, iningi labo liphakathi kweminyaka engu-20 kuya kwengu-55 ubudala, futhi batholwe ngezinsizakalo zezempilo zocansi,” kubika i-NICD.

Isigungu sezempilo sithe iningi lalokhu kutheleleka kukhombise izimpawu ezincane okubalwa kuzo ukuqubuka, umkhuhlane, ama-lymph nodes abuhlungu kanye nezilonda emlonyeni.

I-NICD ichaze ukuthi ukuthelelana kungenzeka phakathi kwabantu abenza ucansi, kodwa yathi lokhu akukakaqinisekiswa.

Ngemuva kokuthi ukutheleleka kokuqala kuvele e-Portugal kubonakale njengohlobo lwase-West Afrika, sekuhlotshaniswe nokubheduka kwe-Monkeypox okwasuka e-Nigeria kwaya e-UK, e-Israel kanye nase-Singapore ngo-2018/19.

“Njengoba upokisi wezinkawu uhlobene nopokisi obangelwa ukuqubuka kancane, kukholakala ukuthi ukutheleleka akwandi njengoba kudingeka ukuxhumana okuseduze,” kwengeza i-NICD.

Lesi sikhungo sigcizelele ukuthi mancane amathuba okuthi ukuqubuka kwamanje kwalesi sifo kuqhubekele esimweni esiphuthumayo somhlaba wonke.

Iningi labantu liyalulama kulesi sifo emasontweni ambalwa ngaphandle kwesidingo sokwelashwa, kodwa i-NICD ixwayisa ngokuthi ukugomela igciwane kubonise ukuthi kunezela ukulivikela.

“Umgomo wepokisi unikezwa abantu abasengozini enkulu, kodwa ukutholakala komgomo womhlaba wonke kuyinselele.”

Umqondisi Omkhulu we-NICD uSolwazi Adrian Puren ukhulume ngezifundo ezitholwe nge-Covid-19.

“Okuthinta iNingizimu Afrika ukuthi ubungozi bokungena kwe-monkeypox buyinto engokoqobo njengoba izifundo ezitholwe nge-Covid-19 ziveze ukuthi ukuqubuka kwezifo kwenye ingxenye yomhlaba kungadala ukukhathazeka emhlabeni wonke,” esho.

I-Spain njengamanje liyizwe eliqinisekise nabantu abangu-50 abatheleleke ngopokisi wezinkawu kanti omakhelwane bayo i-Portugal baqinisekise isibalo sabangu-34 asebethelelekile.

I-Canada ilandela amazwe amabili ase-Europe ngesibalo sabangu-22 asebethelelekile.

Kuze kube manje, alikho izwe lase-Afrika eselike laqinisekisa noma yikuphi ukutheleleka nge-monkeypox.

Umthombo wesithombe: @TheJapanTimes

Izihloko zakamuva