Phambili Chiefs! Masibhale kabusha umlando ngomdlalo wamanqamu we-CAF Champions League

Menzi Magubane

IKaizer Chiefs ne-Al Ahly sebeke badlala kanye kuphela – futhi ngaleso sikhathi iChiefs yabhaxabulwa ngo-4-1.

Lo mdlalo wawuse-Alexandria e-Egypt bedlala ku-CAF Super Cup ngemuva kokuthi Amakhosi anqobe i-Confederations Cup kwathi amaRed Devils anqoba iChampions League ngowezi-2001.

Lokho kwenzeka eminyakeni eyi-19 eyedlule kodwa kumqeqeshi osabambile u-Arthur Zwane engabona sengathi bekuyizolo kuphela ngoba wayekhona ngalolo suku futhi akungabazeki ukuthi angathanda ukubona abafana bakhe benqoba i-Ahly njengembuyiselo ngemuva kwayo yonke le minyaka.

IChiefs iya kulo mdlalo, owamanqamu we-Champions League, njengabangaphansi, kodwa sebekujwayele lokho. Babengaphansi kulo mkhankaso futhi bebephuma phambili njalo.

Umdlalo uzodlalelwa e-Stade Mohammed V e-Morocco ngo-9 ebusuku.

Amakhosi azobe enethemba lokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bazowaseka. Azodinga konke ukwesekwa angakuthola kanti neqembu lase-Morocco iWydad selivelile ukuzokweseka iChiefs. Bahlulwe yiChiefs kowandulela owamanqamu kodwa bafuna ukubona Amakhosi eshaya i-Ahly ngoba kunegazi elibi phakathi kwala maqembu amabili aseNyakatho Afrika.

UMengameli we-Safa uDanny Jordaan ukhiphe umyalezo obafisela inhlanhla.

“Kuningi okwenzekayo ezweni, okucindezelayo. Ukuwina i-Champions Trophy kuzonikeza abantu baseNingizimu Afrika izindaba ezimnandi ezidingeka kakhulu,” esho.

“INingizimu Afrika idinga ukukhushulelwa phezulu. Kholelwa kuwena bese udlalela ibheji leqembu, izwe lakho, umndeni wakho nomsebenzi wakho. siyakholelwa kuKaizer Chiefs.”

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva