Izindaba Scrolla

Abahlali basemjondolo bayahlaselwa

Izakhamizi zemijondolo e-West Rand eGoli zihlala ngokwesaba iqembu lezigelekeqe le-Basotho elibasabisayo.

UZONDO KUZUMA: “ASIBONA ABANGANI!”

IJaji uRaymond Zondo wethule umyalezo oqondile kuloyo wayenguMengameli uJacob Zuma ngoMsombuluko.

Okunye ukushona kushaqisa uhulumeni waKwa-Zulu Natali

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali ukhala ezimathonsi kulandela ukushona kwesikhulu sezokuxhumana sikaNdunankulu uSihle Zikalala.

Scrollacast

Sikwethulela umbiko wethu wezindaba zakwa-Scrolla - ezifundwa nguZuzile Ndlela.

UKanté ushaya i-France

Umdlali wasesiswini uN’Golo Kanté ushaye i-France emqhudelwaneni owandulela owamanqamu we-Nations League ngeSonto, eshaya ompetha i-Portugal ngegoli elilodwa eqandeni.

Umalokazana kaBiden uvela eGoli

UHunter Biden, indodana kaMengameli okhethiwe waseMelika uJoe Biden, ushade nowaseNingizimu Afrika, uMelissa Cohen.

UYallunder ungumculi onakho konke

Ungumculi oqeqeshwe kahle, umbhali wezingoma onezwi elinomphefumulo wengelosi - futhi muhle ngokumangalisayo.

Ngubani umalusi kaBushiri?

Izikhulu zaseNingizimu Afrika ziyehluleka ukuchaza ukuthi umfundisi odumile nonkosikazi wakhe bakwaze kanjani ukubuyela ezweni lakubo e-Malawi - futhi kubonakala sengathi bakwenza ngokukhulu ukuzikhandla. NoMengameli uCyril Ramaphosa kubikwa ukuthi uthukuthele uyaveva ngalokhu.

Kungani uBushiri engeke esabuya kwelakuleli

Zonke izinkomba zikhomba ukuthi lowo ozibiza ngomphrofethi uShepherd Bushiri akakuhlelile ukuthethwa kwamacala akhe eNingizimu Afrika.

Bangaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu ababulawa ezinyangeni ezintathu zomvalelo

Yize bekukhona amaphoyisa namasosha emigwaqeni phakathi kukaNtulikazi noMandulo, isilinganiso sabantu abangama-57 babulawa nsuku zonke.

IBanyana Banyana ivikele isicoco sayo se-Cosafa

IBanyana Banyana ithwese isicoco se-Champions of the Cosafa Women Championship okwesine kulandelana ngokunqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ngesikhathi idlala neBotswana kowamanqamu eNelson Mandela Bay Stadium.

I-Ethiopia isondele empini yombango

Kuqhuma impi yombango e-Ethiopia, umdondoshiya wezomnotho enyakatho nempumalanga yeAfrika.