Izindaba Scrolla

Umprofethi nokulahlekelwa

Umprofethi obalekile uShepherd Bushiri utshele abalandeli bakhe ukuthi uzimisele ukulahlekelwa yimpahla yakhe yezigidi zamarandi eNingizimu Afrika.

I-Rhythm City iyaphela

Ngemuva kokudlala iminyaka eyi-13 kumabonakude, i-ETV imemezele ngoLwesihlanu ukuthi lo mdlalo osuwine izindondo i-Rhythm City, uyaphela ngowezi-2021.

UBobby Motaung usola ukuvalwa kwezepolitiki

I-Kaizer Chiefs inikezwe i-two-window ban ngokuthenga uAndriamirado ‘Dax’ Andrianarimanana waphesheya kwezilwandle wase-Malagasy, kodwa imenenja ye-Chiefs, uBobby Motaung, umile kwelokuthi le kilabhu ayenzanga lutho olubi.

Ubezama ukuxhuma ugesi, kodwa washonela ebumnyameni

UMandla Ngcobo wayazi ukuthi wayedlala ngomlilo ngesikhathi ezama ukuxhuma ugesi ngokungemthetho - okugcine kumlahlekisela ngempilo yakhe. Le ndoda eneminyaka engama-33 ubudala yaseMlazi ishawe ugesi ngoLwesine.

UKaitano ufuna wonke amaphuzu

Umqeqeshi we-SuperSport United uKaitano Tembo ukholelwa ekutheni i-Orlando Pirates yiqembu okufanele balishaye kule sizini.

IMIZAMO kaTRUMP AYIPHUMELELI

Imizamo kaMengameli waseMelika uDonald Trump wokuguqula imiphumela yokhetho asanda kwehlulwa kulo, iphenduka iphutha elikhulu.

Abahwebi babonga iZulu ngoSatan!

Imvamisa, uma izigebengu zikuhlasela noma zikubamba inkunzi, abantu bakhalela usizo oluvela kuNkulunkulu.

UZuma kuZondo: Voetsek!

Kungenzeka ukuthi uJacob Zuma kanye nePhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo balibangise kokunye ukungqubuzana kwezomthetho.

‘U-Godmother’ weKwaito akasekho emhlabeni

Izindaba zokudlula emhlabeni kwesihlabani se-Kwaito, uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi ngoLwesine ekuseni zishiye abalandeli eNingizimu Afrika bethukile.

‘Akubona bonke abaSotho abagqoka ingubo abangabantu ababi’

Ezindaweni ezinenkinga e-West Rand eGauteng, a-Basotho - abaziwa ngokugqoka izingubo - bavele bazotshela umphakathi ukuthi izingubo zabo azibenzi abantu ababi.

“I-Covid icishe yangibulala. Manje ngilwela ukusindisa umphakathi wangakithi.”

Ukusinda kumzabalazo obulalayo wokulwa negciwane le-corona kwanele ukwenza noma ngubani ukuthi athathele i-Covid-19 phezulu, kanti noPatrick Bayini akehlukile.

Ubaba uthi abatelekile basesibhedlela bathathe impilo yendodana yakhe

Ubaba wase-KZN wayazi ukuthi indodana yakhe eneminyaka engama-28 yayigula kakhulu ngenkathi eyiphuthumisa emtholampilo. Kodwa kuthe mabefika lapho, abasebenzi bezokwelapha babematasa kakhulu bebhikisha.