Izindaba Scrolla

Umbulali osemoyeni

I-Coronavirus ibonakala ihlala emoyeni ikakhulukazi ezindaweni ezigcwele abantu noma emakamelweni angenawo umoya.

Nango ekhala uMboweni

Waze wadabukisa umengameli webhange elinguvimba kuleli u@tito_mboweni, uma ethi kuyafana nokuthi akakhululekile.

nkukhu egcaluzayo

Umnyango wamaphoyisa waseMelika uxwayise umphakathi ukuqapha "inkukhu enolaka" "ehlulekile  ukuzibandakanya nendlela elungile yokungasondelani kwabantu". Umnyango wamaphoyisa aseWalker ekhasini lawo lwezokuxhumana lakwaFacebook uthi le nkukhu " isabise...

Indida nge-corona entsha

Ososayensi baseMelika bathole uhlobo olusha lwe-coronavirus – futhi kubukeka sengathi lithelelana kakhulu kunezinguqulo zokuqala zalesi sifo.

Siyenyuka isibalo sabanegciwane

INingizimu Afrika iqinisekise isibalo sabangama-437 abathole isifo se-Covid-19 ngelanga langoMsombuluko, okwenza inani labangama-7 220 asebenalo. Esebendulele kweliphakade bangama-138 kanti iziguli ezingama-2 746 seziluleme.

Ukugula okusha kwezingane

Sekuvele ukugula okungaqondakali okuhlasela izingane ezinegciwane le-Covid-19 e-Europe naseMelika.

I-EFF inesikhalo esisha

Iqembu le EFF lifuna imithethonqubo ebekiwe ukuthi ivumele kuthengiswe imishini yokuzivocavoca.