Izindaba Scrolla

Inkantolo enkulu iyalela uhulumeni ukuthi ondle izingane

INkantolo enkulu eseNyakatho ye-Gauteng isiyalele uNgqongqoshe WezeMfundo eyiSisekelo uAngie Motshegka ukuthi abuyisele uhlelo i-National School Nutrition Programme (NSNP).

Izimoto eziyisithupha kanye nebhilidi kushisiwe embhikishweni wokulethwa kwezidingo

Abahlali baseMadlala e-Lamontville, eThekwini babhubhise izimoto eziyisithupha kanye neSizakala Centre.

Waboshwa washawa kodwa akazange akhothame

Umholi wamalungelo abantu baseMelika uJohn Lewis ushone ngeviki eledlule eneminyaka engama-80.

INingizimu Afrika ingeyesihlano ngezibalo zabantu abanegciwane emhlabeni

Cishe sekunamacala ayizi-356,000 aqoshiwe ngoMsombuluko kuphela, lokhu kubeka iNingizimu Afrika kwinombolo yesihlanu - ilandela i-Russia ngamacala okuthelelana ayizi-(777,400).

Izingane zidla izimila zasendle ngoba zilambile

Izingane zase-Eastern Cape kumele zidle izimila zasendle ukuziphilisa njengoba i-Covid-19 ishiye abantu abaningi baseNingizimu Afrika belambile.

Kushone owesifazane obeshayela amabhanoyi

I-Nigeria ilahlekelwe umshayeli wokuqala wesifazane okwazi ukushayela ibhanoyi elinophephela emhlane.

Umthetho wezifonyo

Uma ungasigqokile isifonyo esitolo noma etekisini, ngeke ukhokhe inhlawulo okwamanje ...

Unqunywe ikhanda usomabhizinisi wase-Nigeria

Usomabhizinisi odume kakhulu e-Nigeria ophethe inkampani yokuthutha izimpahla zabantu ngezithuthuthu utholakale enqunywe ikhanda waqotshwa efulethini lakhe e-New York.

I-Covid isifike kwikhabhinethi

UNgqongqoshe wemithombo yamaminerali kanye namandla uGwede Mantashe ube yilungu lokuqala lekhabhinethi elihlole latholakala ne-Covid-19. UMantashe uzosebenzela ekhaya ngemuva kokuthi yena nonkosikazi wakhe uNolwandle batholakale benegciwane NgoLwesibili.

Ingcindezi iyakhula ngokuvalwa kwezikole

Kunezincingo ezikhulayo ezweni lonke zokuthi izikole zivalwe ngenxa yokukhula kwe-Covid-19.

Abesifazane abalahlekelwe imisebenzi ngenxa ye-Covid

Uma kukhulunywa ngokulahlekelwa yimisebenzi, lolu bhubhane lwe-Covid-19 eNingizimu Afrika lihlukumeze abesifazane kakhulu kunabesilisa.

I-Covid emajele – isiphi isifundazwe esenza kangcono?

IKwaZulu-Natal isona kuphela isifundazwe esingakabi neziboshwa noma izikhulu ezishonile emajele.