Izindaba Scrolla

U-Adelphine Nimfasha osemusha uziqeqesha ukugibela ibhayisikili ngokuthwala amarayisi uma ethunywe abazali bakhe

U-Adelphine Nimfasha uchithe ingxenye enkulu yezinsuku zakhe ethwela irayisi emhlane eliphindwe kabili ukudlula isisindo sakhe ngesikhathi egibele ibhayisikili likayise.

Ebesibathanda basilahlekela: Sikhumbula uPhillip Mhlongo owake waba yilungu lephalamende

Owayeyilungu lephalamende le-EFF, uPhillip Mhlongo, waba ngomunye wabokuqala ukuphumela obala ngokweseka uMnumzane uThabo Mbeki ngesikhathi kunomdonsiswano owachitha igazi KwaZulu-Natali ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngonyaka wezi-2007.

I-EFF ifuna kususwe iMeya ye-IFP ngemuva kosuku olulodwa ingene esikhundleni

Ubudlelwano be-IFP ne-EFF e-Zululand buyabhidlika njengoba besabisa ngevoti lokungazethembi mayelana nemeya.

I-U=U ingahle ibe indlela entsha yokuvikela abantu abane-HIV/Aids

I-U=U igama elifushane eliqonde ukuthi alisabonakali igciwane futhi = alidluliseki.

UTrump wachitha izinsuku ethelela abantu nge-Covid

Ungacabanga ukuthi bekunzima ukuthola ubufakazi obusha bokuthi owayenguMengameli waseMelika uDonald Trump ungumuntu omubi ngempela.

Kuboshwe isigebengu esitholakale nesibhamu esantshotshwa eminyakeni eyi-17 edlule esiteshini samaphoyisa

Ngemuva kokuthi isigebengu sicabange ukuthi siphunyukile ngesikhathi sibamba inkunzi esitolo ngesibhamu esingenamagazini kanye nezinhlamvu, sijahwe sabanjwa ilabantu esibabambe inkunzi.

I-EFF isize umlandeli kaZuma osolwa ngokudala udlame

Omunye wamulungu e-EFF weseka osolwa ngokugqugquzela udlame.

Sekunomkhuba omusha e-Malawi wabantu abenza ucansi ezimotweni

Uma uhamba edolobheni lezohwebo lase-Malawi e-Blantyre bese ubona imoto enyakazayo, qhubekela phambili nohambo lwakho futhi ungabheki ngaphakathi.

Usesabela impilo yakhe neyengane yakhe ngemuva kokuba umsolwa owadlwengula ingane yakhe agwetshwe inkantolo

Usesabela impilo yakhe kanye neyezihlobo zakhe unina wentombazane eneminyaka eyi-16 ekhubazekile eyadlwengulwa ngowesilisa wangakubo ngemuva kokuba umenzi wobubi egwetshwe udilikajele.

Umlingisi wo-Muvhango usengene emculweni wama-piano

Umlingisi waseNingizimu Afrika uDingaan Siyabonga Khumalo (uDSK), odume ngelikaJames Motsamai emdlalweni wakumabonakude waseMsanzi uMuvhango manje usengumculi wama-piano.

Imibhikisho yokuzitapela ezitolo eyenzeka ngoNtulikazi kulo nyaka ikhahlameze kakhulu abesifazane

Izinxushunxushu ezinodlame zangoNtulikazi zokuzitapela ezitolo  zingezinye zezizathu zokwenyuka kwezibalo zabangasebenzi kanti abesifazane baseNingizimu Afrika yibona abalahlekelwa kakhulu.

Owesilisa obethukile usindile ngemuva kokubaleka endaweni yokuhlaselwa – kodwa umngani wakhe amshiye ngemuva akasindanga

Ngesikhathi owesilisa wase-Thohoyandou, e-Limpopo elwa endaweni yokucima ukoma emasontweni edlule, wabiza umngani wakhe uLivhuwani Radzuma ukuthi azomsiza.