Izindaba Scrolla

Ingoma ebizwa nge-Osama ishisa izikhotha – kodwa akekho noyedwa kubalwa noyisungulile owaziyo ukuthi iqonde ukuthini!

Umdidiyeli womculo osezingeni eliphezulu eThekwini, aphinde abe umculi kanye noDJ uZakes Bantwini, ukhiphe ingoma eshisa izikhotha ngoLwesihlanu oludlule mhla ziyi-10 kuMandulo ngowezi-2021 enesihloko esithi-Osama eculwa uKasango, kanti le ngoma ithandwa kakhulu futhi kukhulunywe ngayo ezinkundleni zokuxhumana amasonto amabili wonke ngaphambi kokuba ikhishwe ngokusemthethweni.

Abahlali bathukuthele bagane unwabu ngemuva kokubulawa kwamahlengethwa amaningi

Ukuhlinzwa kwamahlengethwa cishe ayizi-1,500 njengosiko lokuzingela e-Faroe Islands ezweni lase-Europe sekulethe ukucasuka kubantu abaningi.

Kuxoshwe iphoyisa ngemuva kwezinsolo zokukhulelisa isiboshwa

Kuxoshwe iphoyisa ngemuva kokuba lisolwe ngokumithisa isiboshwa esagwetshwa iminyaka engama-30 sibhadla ejele ngokubulala kabili.

UMnangagwa usolwa ngokusenga ezimithiyo ngeminyaka yakhe

Izinsolo zokuqamba amanga ngeminyaka azigcini emhlabeni wezemidlalo kuphela.

Kubulawe owayengumholi wamasosha ase-Rwanda e-Mozambique

Lowo owake waba nguLieutenant embuthweni wase-Rwanda ubulawe e-Mozambique, ngemuva kokutshela iziphathimandla ukuthi kunetulo lokumbulala.

Cha, Nicki, umuthi wokugoma awuyiqedi inzalo

Umngani kamzala kaNicki Minaj ohlala e-Trinidad ugcwele umoya emasendeni akhe.

UFrancine Niyonsaba wase-Burundi ube ngumsubathi wokuqala ukusizwa ngama-hormones ukwephula irekhodi lomhlaba

Ngaphandle komehluko wokukhula ngokobulili (i-DSD) ebizwa ngokuthi ‘ iwusizo olukhulu’ kubasubathi, uFrancine Niyonsaba ube ngumsubathi wokuqala onale nkinga ukwephula irekhodi lomhlaba.

USimon Biles wethule ubufakazi mayelana nokuthi “Intombazane esencane ibiza malini?”

Umsubathi waseMelika uSimone Biles usethule ubufakazi phambi kwe-Senate yaseMelika ngoLwesithathu mayelana nokuhlukunyezwa kwakhe kanye nabanye ngezandla zowayengudokotela weqembu uLarry Nassar.

Iqembu lebhola labesifazane baseMelika seliyinqobile impi yokuthi kumele bakhokhelwe ngokulingana

Inhlangano yebhola yaseMelika (USSF) isinikeze abesifazane kanye nabesilisa beqembu lebhola izinkontileka ezifanayo ukuze balwele ukukhokhelwa ngendlela efanayo emidlalweni yabo.

Sekudlule izinyanga ezimbili uRichardson emiswe emidlalweni yama-olimpiki

Inhlangano elwa nokusebenziswa kwezidakamizwa emhlabeni (i-WADA) isiqinisekisile ukuthi bayalibheka udaba lokusetshenziswa kwensangu ngabasubathi. Lokhu kuza ngemuva kwezinyanga ezimbili ngenkathi kutholakala insangu egazini lo mgijimi uSha`Carri Richardson wase wamiswa kuma-olimpiki.

Iqembu lendawo libe inhlekisa kumjikelezo wokuqala we-CAF

Ukuqala komcintiswano we-CAF kulethe injabulo kanye nokuhlambalazeka ngaphakathi kumina. Ake ngichaze ukuthi ngobani.

Umdansi kaMakhadzi uwele phansi esuka ophahleni ngesikhathi edansa

Kulimale umdansi kaMakhadzi wase-Limpopo ngemuva kokuwa esuka ophahleni ngesikhathi edansa KwaMhlanga eMpumalanga ngempelasonto.