Izindaba Scrolla

Ingebhe emphakathini kweqa izindlovu esiqiwini

Izindlovu eziyisithupha ezibonakale emasontweni amabili edlule eduze kwase-Makuya Musunda ngaphandle kwase-Musina zicekele phansi impahla kanti nabantu bendawo sebesabela impilo yabo.

Iminyaka emithathu yomnyama ongenafu ngenxanxathela yezitolo

Kwaba nenjabulo ngesikhathi uMasipala wase-Mogalakwena e-Limpopo uthembisa ukwakha inxanxathela yezitolo i-Kwena Mall eyayizodla u-R1 billion ngo-2019. 

Iphinde yagadla i-Russia enkanjini yamasosha ase-Ukraine

Ukuthunyelwa kwendiza efike yahlasela inkanji yamasosha ase-Ukraine edolobheni i-Lviv, engamakhilomitha angu-35 ukusuka emngceleni wase-Poland, kubikwa ukuthi kubulale abantu abayisishiyagalolunye kwashiya abanye abangu-57 belimele.

Basale dengwane kuhoxiswa izindiza

Izinkulungwane zabagibeli zisale dengwane ngemuva kokuthi i-South African Civil Aviation Authority (SACAA) ihoxise izindiza zakwa-Comair ngenxa yezokuphepha.

U-A-Reece usekhiphe enye ingoma eshisa izikhotha

Omunye womrepha abambalwa baseNingizimu Afrika abangakangeni kulolu hlobo olukhulayo lwama-piano ngu-A-Reece. Kodwa umculi we-hip hop usebuyele endaweni yezohwebo ngevidiyo yakhe yomculo yakamuva yengoma ethi "tufF lucK."

UMihlali ubuyisa isasasa kwi-Generations

Ugcine nini ukuzwa umuntu ekhuluma ngomdlalo wodumo waseNingizimu Afrika, i-Generations: The Legacy?

Luyakhula uqhekeko eNdlunkulu kaZulu

Uqhekeko eNdlunkulu kaZulu luphoqe uhulumeni waKwaZulu-Natali ukuthi ahoxe emkhulekweni wonyaka wokuqala kwakhothama iSilo uZwelithini.

Abasubathi base-Ukraine badlale ngokuzimisela kuma-Paralympics e-Beijing

Iqembu lase-Ukraine le-Winter Paralympics liqede uhambo lwalo e-Beijing labuya nendondo yegolide  ngaphezu kokuthi lihlukumezeke kanzima ngokuhlaselwa okwenziwa i-Russia ezweni labo.

Babhekene ngeso lemamba umqeqeshi nabadlali bakhe

Imibiko ithi uBenni McCarthy ongumqeqeshi waMaZulu akaboni ngaso linye nabadlali bakhe. Yize abaphathi besazi kahle lesi simo kodwa mancane amathuba okuthi baxoshe umqeqeshi kulesi sigaba esibalulekile sesizini.

Izilomo zijikelwe ngabalandeli bazo

Abalandeli bagxeke abadlali abafana noLionel Messi noNeymar ngesikhathi bengena enkundleni e-Parc des Princes ngeSonto ntambama ngemuva kokuphuma kompetha base-France kwi-Champions League.

I-Safa izimisele ngokusingatha umqhudelwano ohlonishwayo e-Afrika

INhlangano yeBhola yaseNingizimu Afrika (iSafa) ihlose ukuthi kuqokwe iNingizimu Afrika ukusingatha owamanqamu wabesilisa nabesifazane we-Confederation of African Football (i-Caf) Champions League kanye ne-Afcon yabesifazane ngo-2024.

Imbibizane kwi-Rugby Africa ngokukhetha i-France

Isigungu esengamele ibhola lombhoxo e-Afrika sithole ukugxekwa ngokukhetha i-France ukuthi isingathe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2023.