Izindaba Scrolla

I-ANC izodalula amagama amalungu abhebhezela udlame

Ngesikhathi kunokwesatshiswa okusha kwesiyaluyalu sesigaba sesibili, uJessie Duarte, iPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC, uthe iqembu elibusayo liyawaphothula amaphepha alo okuvulela icala amalungu abhebhezela udlame.

Ukwebela abampofu: ukuvalwa kwebhange lesigodi kushiya abatshalizimali beswele

Ngowezi-2001, owesifazane wase-Limpopo wavula ibhange lase-Ga-Mathabatha Village ukuze athuthukise abesifazane basemakhaya, kodwa lavala iminyango yalo ngoZibandlela ngowezi-2020. Ngenxa yalokho, amaqembu amaningi omfelandawonye nezitokofela alahlekelwa isamba semali engaphezu kwezigidi ezi-R4.

Ukusebenza okumangazayo kukaChristine Mboma kuvusa impikiswano yamazinga e-testosterone

UChristine Mboma wase-Namibia ubanga indondo yesiliva ye-200m yabesifazane ngemuva kokuba evinjelwe ukungena emqhudelwaneni we-400m.

URamaphosa ushintsha ikhabhinethi yakhe

U-Enoch Godongwana unguNgqongqoshe omusha wezeziMali kanti u-Ayanda Dlodlo ongazi lutho usehlisiwe esikhundleni sikaNgqongqoshe Wezokuphepha Kwezwe waqashwa waba nguNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni kanye nowezokuPhatha ekushintsheni kweKhabhinethi kaMengameli uCyril Ramaphosa ebilindwe isikhathi eside.

UZweli Mkhize ungenelwe ngamanzi endlini

Umsebenzi wezepolitiki kaDkt uZweli Mkhize owake wathembisa uyaphela ngemuva kokuba asule njengoNgqongqoshe Wezempilo, okuqeda umsebenzi wakhe omude wangonyaka wezi-2021.

Musani ukuqhuba ipolitiki ngokwenzeka e-Phoenix

Abahlali abadiniwe sebetshele amaqembu epolitiki ukuthi abangathathi lento yokungazwani kwamandiya nabantu abamyama e-Phoenix bese benza ngathi bayabasiza kanti bafuna ukuthuthukisa amaqembu abo.

Ibandla liphikisana ngokuthi kumele yini abuyele esihlalweni uMfundisi owantshontsha ibhokisi lomngcwabo

UMfundisi uNkosinathi Mbatha ontshontshe ibhokisi lomngcwabo elibizayo ngoNhlaba uboshiwe ngoMsombuluko. Sesiqalile isigwebo sakhe seminyaka emibili ehleli ejele lase-Melmoth.

UChad unethemba lokuthi intombi yakhe izithola umkomelo kulo nyaka

Ngemuva kokuphoxeka ngendlela enze ngayo kuma-Olimpiki ase-Tokyo, kumele isithenjwa saseNingizimu Africa sithembele kwintombi yaso uJeanni Mulder ukuba abuye nayo indondo ekhaya kumcintiswano wonobuhle ka-Miss South Africa.

UMamaLucy usethole iziqu zedegree yokufundisa emvakweminyaka engama-27

UMatodzi Lucy Nekhubvi uzothola iziqu zakhe zokuba nguthisha ngoMandulo - iziqu ezimthathe iminyaka engama-27 ukuzithola.

UZuma usabisa ngokuveza obala amahlazo “ezinhlangano nezisekelo eziqavile”

Njengoba usuku lwakhe enkantolo selungenakugwenywa manje, uJacob Zuma ngeke angene obishini yedwa.

Indoda engenanzalo idubule unkosikazi wayo ngemuva kokuthola ukuthi ukhulelwe yase yazidubula nayo

Owesilisa wase-Kenya obengakwazi ukuthola izingane udubule unkosikazi wakhe wabe esebhekisa isibhamu ngakuye naye wazibulala ngemuva kokuba unkosikazi wakhe akhulelwe.

Kungokokuqala ngqa: izimfene nama-gorilla ziyalwa e-Gabon!

Ososayensi base-Gabon bathe amaqembu ezimfene abulale ama-gorilla ekuhlaselweni okungenalo uchuku okokuqala ngqa.