Izindaba Scrolla

Usizi umndeni uthungatha amalungu wawo aduke ngezikhukhula

Imindeni KwaZulu-Natal isathungatha izidumbu zemindeni ezagugulwa noma ezagqibeka ngaphansi kwezakhiwo ezibhidlikile ngenxa yezikhukhula zakamuva.

Iloli ebelifile litholane nezakhamuzi ebezikhala ngendlala

Izakhamuzi zaseSiyanda KwaMashu nase-Newlands East zikhala ngendlala nokushoda kwamanzi. Lokhu kuholele ekutheni zivule phakathi iloli lakwa-Shoprite ebelifile zatapa obekuphakathi.

UDJ wakuleli usayinwe inkampani kasaziwayo

Ngemuva kwezinyanga egxekwa ngabezindaba ngekhono lakhe lobuDJ, isihlabani sama-piano uLungelihle "Dj Uncle Waffles" Zwane, uhleke yedwa ekugcineni njengoba esayine isivumelwano nenkampani yokuqopha yesihlabani sase-Canada, uDrake, i-OVO Sound.

Abesifazane base-Ukraine ibona abayingozi kakhulu empini

Ngisho nasempini kuhlezi kunezindaba ezikhuthaza uhlanga lwesintu ukuba lulwele okukhulu.

Amaphoyisa avalele izigelegeqe ekhoneni

Amaphoyisa aseGoli abophe iqembu lamadoda angu-12 abehlomile.

Owazishintsha ubulili usekhulelise iziboshwa ezimbili ejele

Isiboshwa esazishintsha ubulili kubikwa ukuthi sikhulelise iziboshwa ezimbili zabesifazane ejele lase-New Jersey eMelika.

Kuhoxiswe owamahhashi ngenxa yezikhukhula

Izimvula ezinamandla KwaZulu-Natal ziphoqe ukuthi abahleli   bahoxise umjaho wamahhashi obaluleke kakhulu ekhalendeni lePhasika kumphakathi wasemakhaya eBergville.

Izwe lase-Zimbabwe libungaze usuku lwenkululeko

NgoMsombuluko izwe lase-Zimbabwe ligubhe iminyaka engu-42 lathola inkululeko phakathi kwezimo ezinzima zomnotho kanye nokushuba kwesimo kwezombusazwe.

Umrepha udlala umacashelana

NgoNhlolanja uCassper Nyovest wathembisa uMzansi esidlangalaleni ukuthi uzovela kuphela kwi-MacG’s Podcast and Chill ngaphansi kombandela owodwa uma ehlulwa empini yesibhakela noNaakmusiQ.

Usizi kushona amaphoyisa ezikhukhuleni

Kushone amaphoyisa amabili ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natali.

‘Ngangi nephupho lokuba ngummeli,’ -OweDowns

Njengamanje uManqoba Mngqithi ungomunye wabaqeqeshi abenze kahle kakhulu eNingizimu Afrika kodwa umsebenzi awenzayo akusiwo lo ayewuthanda.

Abashayeli be-F1 bakhala ngezikhindi zabo zangaphansi

Abashayeli be-Formula 1 neziphathimandla bahlukene phakathi mayelana nokuphepha kwezingubo zangaphansi abazisebenzisayo.