Izindaba Scrolla

Kuzodlalwa konke ngosuku lokugcina lwe-Premier League

Isicoco se-Premier League, ukuhlungela i-Europa Conference League kanye nokuvikwa kwezembe konke kulindelekile njengoba isizini eshubile ye-English Premier League kanobhutshuzwayo ifika esiphethweni ngeSonto ntambama.

Usuphelile owe-Toulouse wango-2022

Kubeyisikhathi sezinsuku ezimnandi zakudala ngesikhathi uRonald Brown eshaya i-try yokuqala ngaphandle kokuvinjwa muntu.

Umqeqeshi weBucs uyazisola ngokuhlulwa kweqembu lakhe

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, uthi nguye okumele asolwe ngokuhluleka kweqembu kowamanqamu we-CAF Confederation Cup ngoLwesihlanu.

Ubushube kakhulu umjaho we-Spanish Grand Prix

I-Spanish Grand Prix evamise ukubhora ibishubile ngeSonto njengoba uMax Verstappen enqobe okwesithathu kulandelana.

Owase-France usayine eyokuvuselela

Ngemuva kwezinyanga zokubuyela emuva naphambili abebhekene nazo uKylian Mbappé ekugcineni kuphelile ngesikhathi esayina isandiso senkontileka ne-Paris Saint-Germain.

I-Man City nesicoco se-Premier League

Ngemuva kokushaywa ngamagoli amabili eqandeni i-Manchester City iqede isimangaliso sosuku lokugcina ngokushaya i-Aston Villa ngamagoli amathathu kwamabili ukuze igcine isicoco sayo se-Premier League.

Bajabulile abadlali be-Leeds ngokunqoba ekuhambeni

I-Leeds United iwine ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni ibhekene neBrentford ukuze ihlale ku-Premier League njengoba i-Burnley iwele esigabeni sokugcina ngokuhlulwa i-Newcastle e-Turf Moor.

Ithemba emndenini kutholakala isidumbu esivumbululwe imvula

Izimvula ezinamandla ezihlasele ezinye izingxenye KwaZulu-Natal ziphinde zaletha ithemba emndenini olahlekelwe izihlobo eziyishumi ngesikhathi kunezikhukhula ngenyanga edlule.

Ukhala ezimathonsi ngezikhukhula ezingapheli umholi

Ngemuva kokuthi izikhukhula zicekele phansi umuzi wakhe ngoMgqibelo ebusuku okwesibili kulo nyaka lowo owayengumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza ungene ezinkundleni zokuxhumana exoxa ngobuhlungu nokuhlukumezeka kwakhe.

Ingebhe izikhukhula ziphinda zihlasela eKZN

IKwaZulu-Natal isathwele kanzima ngenxa yezikhukhula zakamuva ezicekele phansi isifundazwe ngenyanga edlule.

Sigcine sitholakele isidumbu sentombazanyana (6) ebilahlekile

Isidumbu sengane (6) uBontle Mashiyane obelahlekile sitholwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo - ngemuva kosuku kuboshwe umsolwa uCollen Hlongwane kanye nabathathu abenabo.

UMthethwa uthathwa njengo ngqongqoshe oyisahlukeki

Kungani uNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, nezeMidlalo engaqondiswa izigwegwe?