Izindaba Scrolla

Kusolwa abesifazane abagqoka izigqebhe ngezingozi e-Uganda

Inhlangano yabahwebi edolobheni lase-Uganda, i-Lira, isola abesifazane abagqoka izigqebhe eziveza amathanga ngokuphazamisa abashayeli abagcina bedala izingozi zomgwaqo.

Abathokozile ezinkundleni zokuxhumana ngento eyenziwe yiphephabhuku

Izithombe ezifakwe yiphephabhuku elibizwa nge-British Vogue bebecabanga ukuthi benza into encomekayo e-Afrika ukugubha ubuhle base-Afrika.

Usizi ngowesifazane obulawe umama kanye nomamncane wakhe

Ngesikhathi uLebo Lediga etholokala eklinyiwe, ngokushesha isoka lakhe ebelimhlukumeza laba umsolwa wokuqala wamaphoyisa. Laboshwa ngokushesha kodwa labuye ladedelwa ngenxa yokushoda kobufakazi.

UWinnie Mashaba wenza adume ngakho

Kusaphele amasonto amabili nje vo isihlabani sase-Limpopo somculo wokholo, uDkt Winnie Mashaba, sibelethe ingane yentombazane - kodwa kungakapholi maseko sesibuyele esimeni futhi senza esidume ngakho.

Ifu elimnyama kweyokulawulwa kombuso

Igqeke engeqiwantwala ikhomishini kaZondo ngokudlula emhlabeni komphenyi ohola ikhomishini uFrank Dutton.

Zigcine ziboshiwe izigelegeqe ebezifunwa kakhulu e-Limpopo

Ngemuva kwezinyanga ezintathu kuhlaselwe kwaphinde kwagetshengwa isiteshi samaphoyisa sase-Malamulele, amaphoyisa ase-Limpopo agcine ebatholile ebenzi bokubi.

Usule isigubhukane owesiteshi

Wesulile esikhundleni umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Norwood eGoli.

I-Afcon isilindele ukuqala imidlalo yokuhlungela enamaqembu angu-16

I-Africa Cup of Nations (Afcon) isikhombise okuningi  kodwa njengoba sekuzoqala imidlalo yokuhlungela, lindela okukhulu kunalokho osukubonile emhlabeni webhola likanobhutshuzwayo.

Umlando i-Gambia neMalawi bedlulela kowomkhumulajezi kwi-Afcon

I-Gambia ne-Malawi bazibekele indawo emdlalweni wamaqembu angu-16 ahamba phambili kweye-Afcon.

Uzimisele ngokuvikela isicoco sakhe uThunder

UMapule “Thunder” Ngubane usekulungele ukubuyisela isicoco sakhe saseNingizimu Afrika se-middleweight emuva kweminyaka emihlanu ephoqeleke ukuthi asilahle ngenxa yokungadlali.

UMark Boucher ubhekene namacala okucwasa

Ngemuva kokuthi kube nezinsolo zokucwasa eziphakanyiswe ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwamacala e-Social Justice and Nation-Building (i-SJN) ngokumelene nababengabadlali bama-Proteas,  ongumqeqeshi wamanje uMark Boucher, ubekwe icala yi-Cricket South Africa (i-CSA).

Isihlabani sebhola sigwetshelwe ukudlwengula

URobinho owayengumdlali webhola wase-Brazil ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalolunye ebhadla ejele ngokubandakanyeka esigamekweni sokudlwengula owesifazane wase-Albania ngo-2013.