Izindaba Scrolla

UNgqongqoshe usinde engozini enyantisayo

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal usinde engozini yemoto enyantisayo ngoLwesibili ngesikhathi kuqhuma isondo okwenze ukuthi imoto igingqike.

Intela ngemishini yokudlala esezitolo

Iziphathimandla zentela zase-Italy zethule ukuthi sekuzokhokhwa intela kulaba abagembulayo kuma-table football.

IBanyana ithenjiswe u-R9 million ngokunqoba i-Awcon

Abadlali beBanyana Banyana bazobe bemamatheka yonke indlela bebheke ebhange uma bephumelela ukuwina i-Africa Women Cup of Nations (Awcon) ezayo.

Sekudaleke olunye uqhekeko eNdlunkulu

Umcimbi wokuhlanjululwa kwezikhali zeSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama usudale olunye uqhekeko ebukhosini.

Owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo usedayisa ngomzimba

Umdlali webhola owake wasayiniswa kuMaZulu FC usephumele obala ngempumelelo yakhe yokuba ngowesilisa odayisa ngomzimba.

Akaziwa ozolandela esihlalweni sobukhosi baka-Bhaca

Umbango wezikhundla zobukhosi bama-Mpondo ase-Qawukeni osekuphele cishe iminyaka eyikhulu ukhona usuphinde waqala phansi.

Abasolwa abadedelwe ngebheyili babulale izisulu zabo

Abesilisa ababili base-Limpopo ababoshwe ngesonto eledlule emacaleni ahlukene odlame  banikezwe ibheyili kuleli sonto bobabili babuyela kwizisulu zabo ukuze baqedele abakuqalile.

Indodakazi kasozimali izithela ngabandayo ngaye

Indodakazi eshintshe ubulili kasozimali odabuka kuleli u-Elon Musk isifake amaphepha asemthethweni enkantolo ifuna ukushintsha isibongo sayo kanye nobulili eyazalwa inabo.

Injabulo izakhamizi zase-Alex zithola izindlu zomxhaso

Sekuphele iminyaka engu-24 umkhulu uWilliam Joseph Moyana (80) elinde ukunikezwa indlu ayithenjiswa uhulumeni.

Ukhala ngeKhomishini yoKhetho ngokukhwabaniswa kwamavoti

Owayengusihlalo weKhomishini yoKhetho eziMele (i-IEC) usole ikhomishini ngokwehluleka ukuqinisa ezokuphepha ngendlela efanele ukuze kugwenywe umkhonyovu uma kuvotwa.

Libuyiselwe emndenini izinyo legolide leqhawe lenkululeko

I-Belgium ibuyele ezweni lakubo iphethe izinyo legolide leqhawe lenkululeko elingasekho lase-Congo uPatrice Lumumba. 

Sezitholakele izinja ezintathu zasendle ezazidukile

Ngosuku okwakunetha ngalo imvula ngoMfumfu nyakenye izelamani ezintathu ezaziseqenjini lezinja zasendle zase-Afrika zahlukana neqembu zahamba ibanga lamakhilomitha angu-2,000 zinqamula iNingizimu ye-Afrika.