Izindaba Scrolla

Umshayisibhakela usathukile ngokushona kwembangi yakhe

Umshayisibhakela wakuleli uSiphesihle Mntungwa uzohlala phansi nomndeni wakhe ukuze bathathe isinqumo ukuthi kufanele yini aqhubeke nesibhakela noma asiyeke.

I-NFL ithungatha abadlali abanekhono e-Afrika

I-American National Football League (NFL) ithungatha isizukulwane esilandelayo sabadlali e-Afrika.

IBafana iguqiswe i-Morocco

I-Morocco izihola phambili ku-Group K ngemuva kokuhlula iBafana Bafana ngo 2-1 emdlalweni wokuvula wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yango-2023 enkundleni yezemidlalo iPrince Moulay Abdellah, e-Rabat.

Ama-Proteas adlale ngokuzimisela ebhekene ne-India

URassie Van Der Dussen noDavid Miller bashaye ama-runs angu-131 bengahluliwe bejaha ama-runs angu-212 emdlalweni wokuqala  kwemihlanu ye-T20 bedlala ne-India e-Delhi.

Wonke amehlo asebheke umdlalo wamanqamu we-United Rugby

Ama-Blue Bulls nama-Stormers asebheke umdlalo wamanqamu waseNingizimu Afrika ku-United Rugby Championship (URC).

Liyaqhubeka nokushuba icala lokubulawa kukaMeyiwa

UKelly Khumalo, udadewabo kanye nomama wakhe bazothweswa icala lokubulala kanye nokwephula umthetho wecala likaSenzo Meyiwa.

Ingcindezi kuRamaphosa ngolwasepulazini

UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ukuqinisekisile ukuthi sekuvulwe uphenyo kulandela isikhalazo esabikwa mayelana nokugqekezwa kwepulazi likaMengameli uCyril Ramaphosa ngonyaka ka-2020.

Abesifazane baseMnambithi bahlomula ngokumbiwa kwedayimane mbumbulu

Ngonyaka odlule umphakathi waseMnambithi wawuyinhlekisa.

Bakhala ngomholi we-ANC obandlululayo

Umholi we-ANC eGoli usolwa ngokubandlulula ngemuva kwezinsolo zokuthi uphakamise ukuthi kukhethwe abasuka KwaZulu-Natal kuphela ukuhola isifunda saseGoli.

AwaseThekwini asasebenza emabhuthini ezimoto

Amakhansela aseThekwini asasebenza emabhuthini ezimoto zawo ukusiza imiphakathi njengoba umasipala usahluleka ukuwahlinzeka ngamahhovisi.

I-Madagascar ivimbe izindiza zakuleli ukungena ezweni

I-Madagascar inqabele noma iyiphi inkampani yezindiza yakuleli ukungenisa izindiza zazo ezweni layo ngenxa yengxabano yegolide elingu-73.5kg.

Abefundisi bathole isidumbu ehlathini beyothandaza

Abefundisi ababili bahambe beyokhuleka befuna umbuso nokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.