Izindaba Scrolla

Zikhala ngokuhlukunyezwa izintatheli zase-Zimbabwe

Ngemuva kokuba intatheli uMduduzi Mathuthu ekhiphe udaba oludalula inkohlakalo esezingeni eliphezulu ekunikezweni kwenkontileka kagesi e-Harare bamthathe njengomuntu usechukuluza uHulumeni.

Usizi kuvalwa inkampani enkulu

Ukuvalwa kwezimboni ze-Tiger Brands ezikhiqiza ukudla okusemathinini eNtshonalanga Kapa kuzoshiya abalimi bezithelo abangaphezu kuka-300 bengenayo enye imakethe yomkhiqizo wabo.

I-Griquas ilinde eminingi ukuwina eye-Currie

"Thathani indebe ye-Currie  niyibeke kwisigcinamagugu," kusho uGert Smal, umqeqeshi wama-Blue Bulls ngemuva kokuthi iqembu lakhe likhishwe kowe-Currie Cup.

Axabana wodwa amalungu e-ANC kwaHlabisa

Amalungu e-ANC kwaHlabisa KwaZulu-Natal abizwa nge-Big 5 asole umfowabo kalowo owayenguNgqongqoshe wezempilo uMnu uZweli Mkhize ngokuwahlasela.

Eyomshwalense nohlelo lwezempilo labampofu

Inkampani yomshwalense omkhulu wezempilo yakuleli i-Discovery Health yethule uhlelo lomshwalense luka-R930 ngenyanga.

I-Angola isolwa ngeziqu zomgunyathi

Sekuphele izinyanga izingxenye ezithile zase-Luanda zingenamanzi kodwa inkampani yamanzi igcwele onjiniyela abaneziqu ezinhle kakhulu.

UKelly ukhathazwa ukunukeka kwelokubulala

Uma sibheka indlela aziphatha ngayo emphakathini umculi uKelly Khumalo, kumele kube nokunye okwenzakalayo ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa.

Sebengadlalela noma iliphi iqembu abashintshe ubulili e-Germany

Abadlali bebhola abashintsha ubulili, abathandana nobulili obufanayo kanye nalabo abaphakathi nendawo abangakazazi e-Germany bazokwazi ukuzikhethela ukuthi bayafuna yini ukudlala emaqenjini abesilisa noma abesifazane kumemezela i-German Football Federation (DFB).

Incwadi ethinta abesifazane nezingqinamba ababhekana nazo

Le ncwadi ixoxa ngezindaba zocansi zabesifazane base-Afrika kusukela ekuhlukunyezweni ngokocansi, ukuya ebudlelwaneni bocansi nalabo abakhubazekile, nalabo abazama ukujabulela ucansi ngemuva kokulimala kwezitho zabo zangasese.

Umama nendodakazi abadayisa ngomzimba

USamke Nomagugu kanye noHlengiwe Nkwanyana abasibo umama nendodakazi abajwayelekile.

Umpetha usekulungele ukulwela ese-WBC

UHekkie Budler wakuleli uzobhekana no-Elwin Soto belwela isicoco se-World Boxing Council (WBC) se-junior flyweight e-Palenque del FEX kusasa.

Kuningi ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu

Amalungu amahlanu eqembu labesifazane abaneminyaka engaphansi kwengu-20 ayebaleke e-Eritrea  ngesikhathi somqhudelwano owawuse-Uganda ngonyaka odlule namanje asacashile.