Izindaba Scrolla

UTrevor Noah uzobangumphathi wohlelo kuma-Grammys

Usomahlaya waseNingizimu Afrika ophinde abe ngumethuli we-'The Daily Show ', uTrevor Noah, uzoba yi-Master of Ceremonies kuma-Grammy Awards.

Ukholelwe ekutheni intombi yakhe ibimkhohlisa – ngakhoke wazilengisa

Ngokusho komakhelwane bakhe e-Verulam, uThami Ngubane uzibulele ngemuva kokuhilizisana nentombi yakhe.

Usizi lwe-Kaizer Chiefs alupheli

I-KAIZER Chiefs izodinga isimangaliso kule sizini ukuze ize iqede ku-top eight ku-DSTV Premiership.

Izakhamuzi zithole amanzi ahlanzekile ngemuva kweminyaka engama-26 yenkululeko

Ngemuva kokuchitha iminyaka bengenawo amanzi, izakhamuzi zaseJozini KwaZulu-Natali zingalindela uKhisimusi ohlanzekile onempilo.

I-ANC ne-IFP ayivumelani nesenzo seMK sokuxosha abantu bangaphandle

Amaqembu ezepolitiki kanye nabahlali KwaZulu-Natali basichithile isicelo se-ANC esihambisana noMkhonto weSizwe Military Veteran sokuthi abantu bokufika bakhishwe kuleli.

IZAKHAMUZI ZASENKANDLA ZESEKA UZONDO MAYELANA NOZUMA

Ngenkathi kunomhlangano womphakathi ngoMsombuluko ntambama esikoleni samabanga aphakeme eMnyakanya eNkandla, isigodi sasekhaya salowo owayenguMengameli sithathe uhlangothi lwephini lenhloko yamajaji.

Tito: Ngabe siyayidinga i-SAA?

"Kumele senzenjani ngeSAA?" kwakuwumbuzo uTito Mboweni awubuze abalandeli bakhe abacishe babe yisigidi ku-Twitter.

UMNDENI UBUKE UBABA WABO ESHONA NGEMUVA KOKUNGALASHWA ESIBHEDLELA

Ngemuva kokushona kukayise, uThenjiwe Smile usola isibhedlela iDora Nginza eNelson Mandela Bay ngokunganakekeli ubaba wakhe nokumyeka ashone.

UZondo uvulele uZuma icala “lokubaleka”

IPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ngeke avumele ukubalekela kukaJacob Zuma kukhomishini kaZondo ngesonto eledlule kudlule kanjalo, usola lowo owayenguMengameli ngokudelela inkantolo.

IGugulethu neNingizimu Afrika zizilela uAnele

UKUFA kuphuce abathandi bebhola base-Ningizimu Afrika elinye lamagugu abo kumdlali wasemuva we-Bafana Bafana uAnele Ngcongca.

Scrollacast 1124

Sikwethulela umbiko wethu wezindaba zakwa-Scrolla - ezifundwa nguZuzile Ndlela.

UMkhulu oneminyaka eyikhulu unovalo njengoba ebona ontanga bebulawa yi-Covid

UMkhulu uSindile Sidina ubuka abantu abadala basendaweni yangakubo beshona. Njengoba ebona amabhokisi ecwila enhlabathini, uMkhulu wesaba ukuthi angahle alandele.