Izindaba Scrolla

I-Russia engcupheni yokuphucwa owamanqamu we-UEFA emva kokuhlasela i-Ukraine.

I-Gazprom Arena ese-St Petersburg angeke isasingatha imidlalo yamanqamu ngomhlaka-28 kuNhlaba.

Izingwazi zase-Afrika zenze ezibukwayo kowePremiership eNgilandi

Amaqhawe ase-Afrika e-Liverpool u-Sadio Mane noMohamed Salah baphinde baba izihlabani zomdlalo njengoba ama-Reds eshaye i-Leeds ngo 6-0 okubenze basondela kakhulu kwi-Manchester City.

Ukuhlasela kwe-Russia kuphazamisa ezemidlalo

Isinqumo sikaMengameli uVladimir Putin sokuhlasela i-Ukraine sinomthelela omkhulu kwezemidlalo emhlabeni jikelele.

Izwe lethu ngeke liphinde lifane: Ukraine

Umhlaba ushaqekile ngoLwesine njengoba amasosha kaVladimir Putin ase-Russia ehlasele e-Ukraine. 

Elakuleli licele i-Russia ukuba iyeke ukuhlasela i-Ukraine

INingizimu Afrika igcine ihlangene namanye amazwe ase-Afrika ekunxuseni i-Russia ukuthi ihoxise amasosha ayo e-Ukraine.

Ukungazi kufana nokungaboni kwabancoma ukuhlasela kweRussia e-Ukraine

Akumangazi ukuthi izindaba zempi yase-Ukraine zidonse amehlo kubantu baseNingizimu Afrika okuhlanganisa nentsha yasemakhaya e-Eastern Cape.

Usizi abantu beyofuna amatoho enxanxatheleni yezitolo e-Alex

I-Pan Mall e-Alexandra yavalwa ngonyaka odlule ngemuva kokuzitapela ezitolo okwenzeka ngesikhathi sothuthuva olwasuka ngoNtulilazi.

Kume ulwandle kutheleka uMisuzulu emcimbini wesiShayamthetho saseKZN

ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini singene kwaphazamiseka inkulumo yesifundazwe saKwaZulu-Natali ngesikhathi singena sihamba namasosha e-Royal Agricultural Showgrounds ngoLwesine.

UBig Zulu uhlonipha uRiky Rick ngengoma

Emahoreni angu-48 ngemuva kokuthi kuqinisekiswe ukushona kukaRiky Rick ngumndeni wakhe, umngani walo mculi ophinde asebenzisane naye emculweni, uBig Zulu we-Inkabi Records, usebhale waphinde waqopha ingoma yokuhlonipha "umfowabo" ongasekho.

Uhlalele ovalweni umphakathi ohlaselwa izingwenya

Izingwenya zilimaza abantu esigodini sase-Tshifudi e-Gota – kanti izakhamuzi ezimbili ezihlala-emakhaya zilahlekile emfuleni ogcwele izingwenya.

I-The Soil iza nezishisa izikhotha

Ngemuva kokulinda iminyaka emithathu bagcina ukukhipha kanye neminyaka eyisithupha selokhu bagcina ukukhipha i-albhamu yabo, i-The Soil - iqembu labaculi abathathu be-acapella base-Soweto eGoli - sebebuye nge-albhamu entsha.

Uvalo ngeyomhlaba yesithathu i-Russia ihlasela i-Ukraine

UMengameli wase-Russia uVladmir Putin ujube amasosha akhethekile ukuthi ayohlasela i-Ukraine, okuyisenzo esiqubula uvalo ngokuthi kungase kubheduke impi yomhlaba yesithathu.