Izindaba Scrolla

ISundowns izobhekana nePirates kowe-Nedbank Cup

Bekungumdlalo wonke umuntu abenethemba lokuwubona: IMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates kuma-quarter-final e-Nedbank Cup.

INkantolo eNkulu yase- Bloemfontein ijezise owayengunogada ka-Ace Magashule

INkantolo eNkulu yase-Bloemfontein ijezise uRicardo Mettler owayengunogada kaNobhala-Jikelele we-ANC, u-Ace Magashule.

“UDokotela oyiSangoma” uxuba ikhambi lendabuko nomuthi wesilungu

Ufundele ubudokotela e-Cuba iminyaka eyisikhombisa ukuze abe ngudokotela.

INkantolo yase-Limpopo ibuyesele ithemba kubafundi bakamatikuletshi abangaphumelelanga

Abafundi ababalelwa kwabayi-137,000 ababhala izivivinyo zikamatikuletsheni ngonyaka odlule kodwa bafeyila, manje bazithola sebekhishwe ohlelweni lokufunda lwaseNingizimu Afrika.

Abesifazane basebenzise izinto zasekhishini ukulwa nomdlwenguli

UKholofelo Makena nomamncane wakhe bebelele ngenkathi kungena owesilisa obephethe ummese, eyalela uKholofelo ukuthi akhumule ngoba efuna ukulala naye.

URamaphosa uqinisa isandla ekuhleleni kabusha oNgqongqoshe e-KZN

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uSihle Zikalala ugcine esevale isikhundla sikaNgqongqoshe wezokuThutha uBheki Ntuli oshiye isikhala sivulekile ngokwedlula emhlabeni ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Uyiphoyisa emini, ebusuku ungumculi wezingoma zokholo

Umphenyi osebenzela oKlebe u-Esther Makgamatha usebenze emacaleni asezingeni eliphakeme wabopha izigebengu eziningi - kubalwa nalabo ababengabalingani bakhe.

Ngemuva kwezinyanga ezimbili, u-Anelisa usalahlekile

Emamatheka ebusweni futhi egqoke umfaniswano wesikole, u-Anelisa Xhapha wavalelisa umndeni wakhe waya isikoleni.

Ogogo bajabule kakhulu umphakathi ubalekelela

NgoMsombuluko, ugogo uMashudu Matamela ubengazi ukuthi ukudla kwakhe okulandelayo kuzoqhamuka kuphi.

Owabalekela udlame e-Congo usabela impilo yakhe futhi njengoba kuhlaselwa abokufika eThekwini

UCharles Mwamba wabaleka ezweni lakhe i-Democratic Republic of Congo elalikhungethwe yimpi ngowezi-2002 weza eNingizimu Afrika.

Isoka lilahle intombi yalo ngezinsolo zokuthi iyamujolela

Owesifazane uxoxe ngodaba lwakhe lokuthi uphukelwe inhliziyo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi isoka lakhe lihlukane naye sebethandane isikhathi eside.

UDon Jazzy ungomunye wabantu abacebe kakhulu e-Afrika ngokusho kwe-Forbes

UDon Jazzy onguphrojusa, aphinde abe ngumculi kanye nombhali wezingoma wase-Nigeria uqokwe yiphephabhuku i-Forbes njengomuntu ocebe kakhulu e-Afrika kwimboni yezikaqedisizungu.