Izindaba Scrolla

Lishabalele iphupho lika-Ashwin lokudlala ku-T20 World Cup ekhaya

Lishabalele iphupho lomdlali wekhilikithi waseNdiya uRavichandran Ashwin lokudlala eNdebeni yoMhlaba ye-Twenty20 emhlabathini wasekhaya ngasekupheleni kwalo nyaka lingahlala linjalo nje - liyiphupho.

Ukuntuleka komuntu ozolandela Uhlanga Lomhlabathi esikhundleni kudala uqhekeko emndenini wobukhosi bakwaZulu

Ukukhothama kwenkosi ebuse isikhathi eside yesizwe samaZulu iSilo samaBandla wonke uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sekuqubule ukungezwani esigodlweni ngokuthi ngubani ozoba ngumlandeli wakhe.

ESIBATHANDILE BASILAHLEKELA: Menzi Ngubane (1964-2021)

Isikhathi esingaphezu kweminyaka engamashumi amathathu, uMenzi Ngubane ubebonakala kumabonakude wakuleli.

UMalema usiza umndeni kaMthokozisi Ntumba ukuba amangalele umbuso

Umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uqinisekise umfelokazi kaMthokozisi Ntumba ukuthi iqembu lakhe lizoqasha ithimba labameli elizomsiza ukuthi amangalele umbuso.

Ikhotheme iNgonyama kaZulu

ISilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukhotheme eneminyaka engama-72 esibhedlela ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokudunguzela isikhathi eside.

I-UK izobuyisa izigidi ezingama-R83 e-Nigeria ezebiwe ngusopolitiki okhohlakele

I-UK imemezele ngoLwesine ukuthi izobuyisa u- £ 4 million (imali engaphezu kwezigidi ezingama-R83) wezimali ezebiwe e-Nigeria - esivumelwaneni esiyingqophamlando sokubuyisa izimpahla ezithathwe ezigebengwini.

Umndeni wekhansela le-IFP uthi ukubulawa kwakhe bekuhlobene nezepolitiki

Umndeni wekhansela le-IFP ebeliphethe isikhundla se-PR eqenjini uMnuz Robert Mdletshe, ukholelwa ekutheni ukubulawa kwakhe bekuhlobene nezepolitiki.

I-Jab yase-Russia ijoyina umjaho wemithi yokugomela i-Covid-19

Umuthi wase-Russia wokugomela i-Covid - i-Sputnik V - uthola udumo lokuba wumuthi wokugoma ohamba phambili.

Amapayipi amanzi aphukile adicizelela phansi amapulazi asafufusa

Abalimi abasafufusa e-Dzindi Tshivhuyuni Block ngaphandle kwase-Thohoyandou bathukuthele bagane unwabu.

Uxoshwe esikoleni ngenxa yesifo sokuwa

Umfundi ofunda ibanga le-8 uxoshiwe e-Bokamoso Secondary School ngenxa yokuhlaselwa yisifo sokuwa ekilasini.

ICity ibuyise isithunzi sayo ishaya i-Southampton ngo-5-2

Noma ngabe iManchester City yahlulwa ngamagoli amabili eqandeni ngesikhathi ibhekene neManchester United ngeSonto, ikwazile ukubuyisa isithunzi sayo sokuba ngompetha, ngesikhathi ishaya i-Southampton ngamahlanu kwamabili ngoLwesine.

Abadlali abavelele bazophuthelwa ama-quarter-final e-Champions League okokuqala ngqa eminyakeni eyi-16

Akuyona imfihlo ukuthi abadlali abavelele uLionel Messi, oneminyaka engama-33, noCristiano Ronaldo, oneminyaka engama-36 sebesondele ekuthatheni umhlala phansi emsebenzini wabo omuhle.