Izindaba Scrolla
UNgqongqoshe wezemidlalo wase-Nigeria uyaxolisa ngehlazo lesizwe emidlalweni yase-Tokyo
Kwakungekhona nje ukuntuleka kwezindondo. Abasubathi abayishumi base-Nigeria nabo bakhishwe emidlalweni yama-Olimpiki e-Tokyo kwathi oyedwa owafinyelela kowamanqamu kwadingeka ukuthi awashe ijezi lakhe.
Scrollacast
Sikwethulela umbiko wethu wezindaba zakwa-Scrolla - ezifundwa nguZuzile Ndlela.
Indoda eyodwa ingaboshwa kanjani amahlandla ayi-15 ngaphandle kokushushiswa!
Empilweni yakhe, uSipho Ameni usaboshwe amahlandla ayi-15 - kodwa akakaze atholwe enecala.
Umpetha wesibhakela uthole elinye lamabhande akhe kodwa elinye alikakatholakali
U-Innocent “Tycoon” Mantengu ulibuyise ngokumangalisayo ibhande lakhe lobumpetha ngemuva kwezinyanga ezintathu lintshontshiwe e-Park Station. Kodwa-ke umpetha wesibhakela usenelinye futhi okumele alandele umkhondo walo.
Kushone umama nezingane zakhe ezine ngesikhathi kusha indlu yomndeni
Ngemuva kokuba sebevike izingozi zomlilo ezimbili eminyakeni emithathu eyedlule uNoxolo Deli ushe wanqonqa nezingane zakhe ezine ngemuva kokuba bavaleleke ngaphakathi endlini, ngenkathi kuvutha umuzi wabo womndeni.
‘Omunye wenu uzophuma ngebhokisi lomngcwabo’ kuxwayisa imindeni yabo
Sekuyiminyaka, imindeni yabo ixwayisa ngokuthi ubudlelwane babo obuhlukumezayo bunobuthi futhi yabeluleka ngokuthi bahlukane.
Ukuxabana kwe-ANC kubambezela ukuqokwa kwePhini leMeya yeTheku
Cishe sekuphele izinyanga eziyisikhombisa uMasipala weTheku KwaZulu-Natali ungenalo iPhini leMeya.
Kuqokwe imeya entsha eGoli
UJolidee Matongo uyiMeya entsha yaseGoli ngemuva kokukhethwa kwakhe ngaphandle kokuphikiswa ngoLwesibili.
Usephinde waphunyuka bemphethe owayenguMengameli uJacob Zuma
Selihlehliselwe umhla ziyisishiyagalolunye kuya mhla ziyi-10 kuMandulo icala le-Arms Deal ngenxa yokugula kukaZuma.
U-AKA, ongumnikazi ophethe futhi onguphrojusa we-The Braai Show, ukhishelwe eceleni nguCassper Nyovest
UCassper Nyovest wase-Mafikeng ulungiselela ukwenza ezibukwayo njengomethuli omusha we-The Braai Show With Cass, ngemuva kokuvela ukuthi umphathi wohlelo owedlule ubengaziswanga ngalolu shintsho.
Indoda yase-Guinea ibulawe yigciwane elingajwayelekile nelibulalayo i-Marburg
Okokuqala ngqa eminyakeni emine, ukuthi kutholakale igciwane elibulalayo i-Marburg ngemuva kokuba indoda yase-Guinea ishone ngenxa yalesi sifo.
Amazwe wonke angahle abe ngaphansi kwamanzi ngaphambi kowezi-2100 kubika umbiko oyingqophamlando we-UN
I-Global Warming izoholela ekucwileni ngokuphelele kweziqhingi ngaphambi kokuphela kwekhulu leminyaka, kuxwayisa umbiko we-Intergovernmental Panel on Climate Change (i-IPCC).