Ozime ababili besifazane baphumele obala ngobudlelwano babo

UMariana Varela owayengenele umncintiswano wonobuhle kaMiss Argentina 2019 kanye noFabiola Valentín owayengenele uMiss Puerto Rico 2019, baveze ukuthi bashada ngasese.

Laba bashadikazi abahlangane kuMiss Grand International 2020 e-Thailand okuyilapho ababeqhudelana khona bobabili bamemezele umshado wabo kuleli sonto.

“Ngemuva kokukhetha ukugcina ubudlelwano bethu buyimfihlo sithi asinivulele isifuba manje,” kusho laba bobabili kwividiyo efakwe ku-Instagram.

Ividiyo ibonisa amazwibela omshado behamba ndawonye kanye nesiphakamiso sabo sokuthembisana umshado.

Ngesikhathi somcimbi wangeSonto eledlule, uMariana ubegqoke ingubo emhlophe ehlotshiswe ngezinsephe kanti unkosikazi wakhe uFabiola ubegqoke i-blazer emhlophe nebhulukwe elimnyama.

Laba bashadikazi bangena ohlwini lwabantu abayishumi kuMiss Grand International 2020.

Ngemuva komcimbi baqashwe izinhlaka eziningi eziphethe abakulo mkhakha wokumodela ukuze basebenzisane.

Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan

Isithombe esingenhla siveza laba bashadikazi uMariana Varela noFabiola.

Umthombo wesithombe: @fabiolavalentinpr

Izihloko zakamuva