Oyinxusa laseNingizimu Afrika uphenywa ngokubulala

IPhini Lenxusa laseNingizimu Afrika e-Sudan lisolwa ngokubandakanyeka kwitulo lokubulala.

UZabantu Ngcobo kanye nomlingani wakhe bayaphenywa ngezinsolo zokuqasha izinkabi ukuba zibulale isikhulu sezobunhloli ngoba ubethumela ekhaya imibiko engemihle ngaye, kubika iphephandaba i-Khartoum Al-Sudani ngeledlule.

Abahlaseli kubalwa umshayeli we-embassy kanye nomuntu obehamba naye.

La madoda atshela amaphoyisa ase-Sudan ukuthi aheha abesifazane abasha base-Sudan ukuba bangene efulethini likaNgcobo ngoZibandlela nyakenye, base bababulala njengomsebenzi ‘wokuziqeqesha’. UNgcobo wayesabambe njengeNxusa ngaleso sikhathi.

Leli phephandaba libike ukuthi omunye unqunyiwe, isidumbu sakhe saphonswa koplastiki abahlukene ngaphandle kwedolobha, kwathi esinye isidumbu satholwa sisongwe ngendwangu endaweni yokulahla udoti.

La madoda aboshwe ngaphambi kokuthi abulale isikhulu sezobunhloli.

I-Daily Maverick ibika ukuthi, iziphathimandla zaseNingizimu Afrika zisebenzise ilungelo likaNgcobo kanye nozakwabo ekulweni nokuboshwa kanye nokushushiswa phesheya.

Basiza iziphathimandla zase-Sudan ngophenyo.

Njengamanje uNgcobo nomlingani wakhe baseNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva