Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Owayengumlingisi oqavile emdlalweni kamabonakude uMuvhango usephumele obala ngokweseka uNgqongqoshe wamaPhoyisa osahlabe ikhefu uMnuz Senzo Mchunu ngoba ethi wasiza umphakathi wangakubo ubhekene nesimiso seminyaka samanzi.
ULesely Musina owayedlala indawo kaNdalamo kuMuvhango ukusho lokhu ekhuluma enkonzweni ebisebandleni, iChrist Worship House ngaphansi kwesiFunda saseVhembe endaweni yaseShayandima, eLimpopo ngoMgqibelo.
UMusina uthe abakwazi ukumlahla uMchunu ngoba bayobe sebefana nabakhohlwa imisebenzi yakhe abenzele yona behlupheka eVhembe bebulawa isomiso samanzi.
“Asikwazi ukukhohlwa imisebenzi emihle uMchunu asenzele yona eVhembe singenawo amanzi. Namhlanje sinezindawo eziphuma amanzi ngenxa yesivumelwano asenza neZimbabwe ukuze sibenengqalasizinda ekwaziyo ukusikhiqizela amanzi,,” kusho uMusina.
UMchunu wasayina isivumelwano noHulumeni waseZimbabwe ukuba bakwazi ukuthola amanzi ayezoqhamuka nengqalasizinda yaseZimbabwe ngokushesha kunokuba kugujwe amadamu amasha ekubeni kuvele kunesomiso ezindaweni zaseMusina eVhembe.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMchunu esanguNgqongqoshe waManzi neNhlanzeko kuleli.
Kumanje uMchunu ubhekene nezinsolo ezibekwe kuKhomishana kaMadlanga ezithinta ukuhlakazwa kophiko obeluphenya ngokubulawa kosopolitiki.
Kuthiwa wakwenza lokhu ngomhlaka-31 kuZibandlela ka-2024 kusaphele izinyanga ezimbalwa eqokelwe ukuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli.
Amalunga ekhwaya iWorship House nawe aphumele obala esteji ngokuseka uMchunu.
Akubeke kwacaca ukuthi abantu baseLimpopo kumele baqonde ukuthi ukuhlaselwa kukaMchunu ngaphandle kobufakazi beMadlanga, kuyitulo lokulwa noMengameli uCyril Ramaphosa.
Le nkonzo ebihlanganise izinhlelo esehlukene ngaphansi kwesiFunda iVhembe kanti bebephume ngobuningi ukuzoba ingxenye yemikhuleko kazwelonke kaMchunu eqhubekayo eziFundazweni ezahlukene.
UPastor Mpho Ramphago weChrist Worship House uthe sekuyisikhathi sokuba amakholwa akhulekele uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngoba bayakholwa ukuthi izimfamona ezibhekene noMchunu zibhekiswe kuye uRamaphosa.
“Kumanje kuningi ukuhlaselwa okubhekiswe kuRamaphosa noMchunu ekubeni iKhomoshana kaMadlanga ingakatholi noyedwa wabo enecala. Ngakho iskhathi lesi sokuba kuyekwe ipolitiki kodwa kukhulekelwe uMengameli noNgqongqoshe bakhe ngoba bonke abaholi babekwe ngogcobo lukathixo ukuba babengabaohathi bezwe. Siyadinga ukub neMadlanga Commission siyikhulekele ukuze ikwqzi ukusebenza ngaphndle.kokusatshiswa kanye nengcindezi engenasidingo,,” kusho uPastor Rampogo.
Uqhiba uthi kungumsebenzi wamakholwa ukuhlale ebeka emkhulekweni abaphathi bezwe ukuze izwe libenensindiso kuthi nokubanyonyobelayo okubi kungenzeki.
Kule nkonzo amakholwa agide kwaze kwayovalwa ishisa phansi inkonzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi amanye amakholwa aseke azithola ehlalselwa ngokuphumela obala akhulekele uMchunu.
Lokhu kuhlaselwa kwenze abanye abefundisi bachaza ukuthi bona bakhulekela ngisho ababulali abasemajele nabadonsa iminyaka ngenxa yokuthi abakhethi bala lamuntu futhi abehluleli muntu ngobayibhayibheli liyabavuna ukuthi bangabahluleli abantu.
Lezi zinkonzo ziqale esiFundazweni iMpumalanga,zadlulela eThekwini naseCapetown njengoba beziseLimpopo.
Nakuba lezi zinkonzo zimayelana naye uMchunu kodwa akakaze ahambele ngisho eyodwa ngaphandle kwalena eyayikwakhe eMpangeni.
