Lubhalwe nguZukile Majova
Yize eshiye esikhulu isiphithiphithi edolobheni laseGoli kubukeka sengathi uParks Tau ulokhu ekhuphukela esicongweni.
Lowo owake waba iMeya yaseGoli nowafaka idolobha enkingeni enkulu yezikweletu ezathatha cishe iminyaka eyishumi ukuzixazulula, kulindeleke ukuthi abizelwe kwikhabhibethi entsha kaMengameli Cyril Ramaphosa.
Ngaphambi kwalokho uke wabandakanyeka ehlazweni ngesikhathi inkampani ebixhumene nonkosikazi wakhe uPhilisiwe Twala-Tau ithatha u-R200 million wenkontileka yokuphatha isikhwama sedololobha laseGoli.
Ithenda yakhishwa ngesikhathi uTau eseyilungu lekomidi leMeya ebhekelela uMgcinimafa ngo-2006. Futhi ngesikhathi ekulesi sikhundla kwethulwa uhlelo olusha lokukhokhisa intela eyengeziwe kubantu abakhokha intela, bebefuna izigidi zamarandi kwizakhamizi namabhizinisi.
UMnyango kaTau kwakumele wakhe uhlelo olufanele lokukhokha intela ngemuva kokuthi imikhandlu ezimele engu-16 ihlanganiswe yakhe idolobha laseGoli.
Kwasiza owayeyiMeya ye-DA uHerman Mashaba kumonakalo okwase kuphele iminyaka eyishumi ukhona kuleli dolobha.
“Ningabuza nanoma isiphi isakhamuzi saseGoli. Ngingakukhombisa izitatimende kule minyaka eyishumi kuya kwengu-15 ukukhombisa ukuthi isimo sethu sokukhokha besibheda kanjani,” kusho uMashaba ngo-2017.
Le nkinga yezikweletu yalahlekisela i-ANC ukulawula idolobha laseGoli eliphethwe amadlelandawonye ahlukene kusukela ngo-2016.
Phezu kwakho konke lokhu uTau uqokwe esigungwini esiphezulu se-ANC wabe esecatshangelwa isikhundla sekhabhinethi yesigungu esiphezulu sase-Gauteng.
NgoMsombuluko uTau, iPhini likaMengameli we-ANC uMnu Paul Mashatile, iPhini lesibili likaNobhala we-ANC uMaropene Ramokgopa kanye nowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikala bonke bafungiswe njengamalungu ePhalamende.
Lokhu kuvula indlela yokuthi uMashatile angene esikhundleni sikaDavid Mabuza njengePhini likaMengameli wezwe, kanti abanye abathathu bazongena kwikhabhinethi kaRamaphosa.