Owokuthweswa kweziqu uphenduke umcimbi wesiZulu enyuvesi yaKwaZulu-Natal

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umcimbi wokwethweswa kweziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uphendulwe umcimbi wamasiko esiZulu ngesikhathi iSilo samaBandla uMisuzulu sifika namabutho aso izolo.

ISilo samaBandla sihambele umcimbi obusesikhungweni sase-Westville namanye amalungu omndeni wasebukhosini kanye nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ukuzokweseka ubaba kaMisuzulu kaZwelithini, uMntwana uBhekizizwe Zeblon Zulu ngesikhathi ethweswa iziqu.

Ukufika kweSilo samaBhandla namabutho kumise umcimbi wokuthweswa kweziqu ngesikhathi abafundi besukuma ngokushesha kuqhuma ihlombe nomlilizelo.

UMntwana uZeblon wendlu yobukhosi bakwaMandlakazi uthole iziqu zobudokotela zokuhlonishwa ngemibhalo ngeqhaza lakhe ekuvuseleleni isiko lamaZulu ngezincwadi azibhalile.

Ubuye wabamba iqhaza lokulwela amalungelo abantu abesifazane basemakhaya ngesikhathi eyilungu lePhalamende le-ANC.

“Ngibonga kakhulu ngalezi ziqu kanye nokuhlonishwa komsebenzi wami. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukusiza abantu bakithi ukuthi bazi ngomlando wabo namasiko abo ngocwaningo lwami,” esho.

Le nyuvesi iphinde yahlonipha uDkt Mike Sutcliffe owayengumphathi kumasipala weTheku kanye nomculi odumile uMadala Kunene.

Enkulumweni yakhe uKunene uthe sekuphele iminyaka engaphezu kuka-60 elinde leli thuba. “Ugogo ubefuna ngifundele ubudokotela kule nyuvesi. Ngakhetha ukungena endimeni yomculo esengichithe kuyo iminyaka engaphezu kuka-60 futhi ngiyajabula ukuthi ekugcineni ngithole ukuhlonishwa e-UKZN. Nakuba ugogo wayefuna ngibe udokotela, ngiyaziqhenya ngokuthi ngiwudokotela womphefumulo ngomculo wami.”

USutcliffe uthe: “Kumele ngibonge kakhulu labo engisababona ezihlalweni ezingenalutho nanamuhla okuhlanganisa nentsha eyabulawa ngesihluku ngesikhathi sobandlululo nengangisebenza nayo ukuze sithole inkululeko. Abaningi babo bebezothweswa iziqu namuhla ukube umbuso wobandlululo wawungekho.”

Izihloko zakamuva