Elmon Tshikhudo
Bekuyimpelasonto evamile nje kwabebezojabula ethaveni i-Blue Corner kwa-Mashamba ngaphandle kwase-Louis Trichardt.
UDJ ubedlalela umculo phezulu kanti nezihlwele bezidansa, kumnandi.
Umnikazi wendawo ube esenza isiphakamiso somqhudelwano wokuphuza utshwala. Utshele abathandi bobumnandi ukuthi babambe iqhaza emqhudelwaneni wokuphuza ibhodlela eligcwele le-Jägermeister – kanti ozosheshe aqede leli bhodlela uzohlomula ngomklomelo ka-R200.
Ngokushesha abaphuzayo bavele baphuthuma leli bhodlela.
Kodwa ihlaya liphenduke ingozi ngesikhathi omunye wabaphuzile equleka. Uthathiwe waphuthunyiswa emtholampilo wendawo lapho ashonele khona kamuva.
Lo mlisa ube esehlonzwa ngelikaMukovhe Ratsethana (23).
Lesi sigameko senzeke ngeSonto eledlule phakathi kwamabili.
Ozibonele ngawakhe uMusiki Mudau onguDJ wasebusuku uthe uye ethaveni eyozipholela nomngani wakhe uRatsethana.
“Angiphuzi kodwa ngijabulela impilo yangaphandle. Bengisanda kufika ngivela eGoli ngoLwesine ngafike ngaba uDJ kule ndawo yokucima ukoma. Kungesikhathi sekhefu lapho engizwe kuthiwa abaphuza utshwala bebeqhudelanela ukuwina u-R200,” kusho uMudau etshela i-Scrolla.Africa.
UMudau uthe uRatsethana uqede kuqala futhi ubeyiqhawe langaleso sikhathi, kodwa kuthe ngemuva kwesikhashana uye waquleka ngaphandle kwendawo yokucima ukoma.
Abathengi abebetatazela bamthele ngamanzi abandayo ebusweni ukuze avuke ngoba babecabanga ukuthi udakiwe.
Ngokushesha ngemuva kwalokho umnikazi wendawo yokucima ukoma uye waqaphela ukuthi kubi kakhulu wabe esehambisa uRatsethana emtholampilo wendawo lapho ashonele khona.
“Namanje ngisashaqekile. Ngikubone konke futhi bekubuhlungu ukumbona eshona phambi kwamehlo ami. Konke abekwenza nje ukuzijabulisa,” kusho uMudau.
Khonamanjalo okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala.