OwoKhozi FM uvulelwe icala lokukhwabanisa

Linda Ximba

Uvulelwe icala lokukhwabanisa usomabhizinisi woKhozi FM uSbongi Ngcobo ngezinsolo zokuntshontsha umbono wokuvotelelwa kwengoma yonyaka emsakazweni.

Ngokusho kommangali u-Owen Ndlovu, uNgcobo akayitholanga imvume yokusebenzisa lo mbono.

Esebenzisa inkampani yakhe i-Michael Owen Productions, uNdlovu uqhamuke nombono wengoma yokuhlukanisa unyaka wenza isivumelwano ne-SABC ngo-2017.

Umbono wawuthi abalaleli bazokhokha imali encane ukuze bavotele ingoma yabo yonyaka kanti isivumelwano sasithi imali ezotholwa ngamavoti izokwabelwa uNdlovu nomsakazo.

Umkhankaso wengoma yonyaka kwakuvunyelwene ngokuthi uzokwenziwa kuyo yonke imisakazo yakwa-SABC.

Kodwa ngaphambi kokuthi kuqale umkhankaso uNdlovu nabaphathi be-SABC bashayisana ngamakhanda ngenxa yalokhu kanti eminye imisakazo ayizange iqhubeke nalo mqhudelwano.

Ukhozi FM luqhubekile nokuvota phakathi kuka-2017 no-2018, kodwa uNdlovu uthe akazuzanga kuleyo mikhankaso.

“Ukhozi FM lwenze izigidi ngokuvota, kodwa angitholanga nesenti. Sengize ngamvulela icala lokuntshontsha,” kusho uNdlovu.

“Ngeke ngihlale ngigoqe izandla kukhona abantu abangixhaphazayo.”

“Ngizamile kwanhlanga zimuka nomoya ukuhlangana nabaphathi abaphezulu kwa-SABC, kodwa bangidlulisela kwenye indawo. Sengize ngakhetha ukubhekana noSbongi Ngcobo ngoba nguyena ogunyaze ukuthi umkhankaso uqhubeke.”

Umseshi wamaphoyisa akwa-SAPS e-Gauteng uKaputeni Delia Marcovich ukuqinisekisile ukuthi, “Kuvulwe icala lokuntshontsha ngomhlaka-19 kuMfumfu e-Mondeor. Akekho osaboshiwe okwamanje.”

Okhulumela i-SABC uGugu Ntuli uthe “inkontileka kaMnu Owen Ndlovu ne-SABC yaphela ngo-2018.”

“Emkhankasweni wengoma yonyaka ka-2018 okuyilapho iziteshi zomsakazo ezimbili zakwa-SABC bezibambe iqhaza kwahlomula i-Michael Owen Productions njengokusho kwenkontileka,” kusho uNtuli.

Osesithombeni esingenhla uSibongi Ngcobo

Umthombo: Ukhozi FM

Izihloko zakamuva