Lubhalwe nguLinda Ximba
Umsakazi woKhozi FM uDJ Khathide “Tshatha” Ngobe usale ephoxekile ngesikhathi ephucwa imoto yakhe esezingeni eliphezulu esemoyeni.
UNgobe uphoqeleke ukuthi ashiye uhlelo lwakhe lwangoLwesihlanu okwesikhashana ukuze axoxe namadoda amabili avela endaweni edayisa izimoto abezothatha imoto yakhe yohlobo lwe-Mercedes Benz.
“Kusobala ukuthi ubeyishaya indiva imilayezo evela enkampanini edayisa izimoto efuna ukuxazulula udaba lokukhokha,” kusho umthombo othembekile utshele i-Scrolla.Africa.
“Babe sebemlanda emsebenzini. Uhlelo lwakhe belusanda kuqala ngesikhathi bemcela ukuthi azokhuluma nabo.”
UNgobe uphoqeleke ukuthi ashiye uhlelo lwakhe oludumile imizuzu embalwa ukuze axoxisane nala madoda ngaphandle. Uphoqeleke ukuthi akhiphe ukhiye wemoto anike la madoda okuthiwa abebonakala ukuthi awanasikhathi sokuxoxisana naye.
“Ubevutha bhe ngemuva kwalesi sigameko ngoba cishe bonke abasebenzi bakubonile okwenzekile.”
Omunye umthombo uthe: “Kuyasixaka ukuthi kungani uDJ osezingeni eliphezulu njengaye ehluleka ukukhokhela imoto. Leso sigameko simphoxe kakhulu ngoba uhlezi ezishaya isifuba ngokuthi uhola kangcono nokuthi unezinye izinto eziseceleni ezimholela kakhulu.”
Kuthiwa selokhu kwenzeke lesi sigameko uNgobe ubonakala eshayela imoto yohlobo lwe-Mazda yengoduso yakhe ukuya emsebenzini.
UNgobe oseke wathola indondo yohlelo oluhamba phambili kuleli iWoza Nabangani Bakho noSelby Mhlongo, useneminyaka engaphezu kweyishumi esebenzela isiteshi somsakazo sakwa-SABC.
Ethintwa ukuze aphawule uNgobe uthe: “Akusiyona indaba yenu ukuthi imoto yami ithathiwe. Kunezinto ezibaluleke kakhulu okufanele nigxile kuzo ngaphandle kokubhala ngezinto ezingasho lutho.”
Esithombeni esingenhla: UTshatha Ngobe
Umthombo wesithombe: Twitter