Moyahabo Mabeba
UZinhle Khambule, owine umqhele wokuba u-Miss Remarkable Teen South Africa ngonyaka wezi-2021, useqale umkhankaso wakhe wokuvikela amalungelo amantombazane asakhula nabesifazane abahlukunyeziwe.
“INdlovukazi yamalungelo abantu abasha yase-Limpopo e-Phalabhorwa ewine umqhele”, ithole ukunconywa emcimbini obuyisimangaliso obuseMpumalanga ngoMgqibelo.
UZinhle oneminyaka eyi-16 utshele i-Scrolla.Africa ukuthi yize lo mncintiswano wonobuhle wawunzima ukuba awungenele, kodwa ubezibona efanelekile ukuthola lo mqhele.
“Ngisebenze kanzima ukuze ngiwine. Ngiyethemba ukuthi kuzophakamisa igama lami futhi kungisize ngikwazi ukusiza amanye amantombazane asemancane alingana nami,” kusho uZinhle.
Umncintiswano wonobuhle ka-Miss Remarkable Teen South Africa wangonyaka wezi-2021 unikeza intsha yakuleli esencane inkundla yokukhuluma ngezifundo abazithandayo nabathanda ukugxila kuzo.
UZinhle uthe unethemba lokuthi umqhele wakhe uzomphakamisa ukuze abe yiphimbo lentsha engakwazi ukuphumela obala izikhulumele.
Isifundazwe sakubo muva nje sihlangabezane nesibalo esiphezulu sokubulawa kwezingane ezisencane lapho uthola ukuthi zibulawa ngabantu ezibaziyo.
Lo mfundi webanga leshumi nanye esikoleni sase-Relebogile secondary e-Namakgale uthe ufuna ukuba yinxusa lamalungelo amantombazane asemancane futhi athole negunya ukuze akwazi ukukhuluma ngezindaba ezithinta abesifazane, ikakhulukazi labo ababuthakathaka.
“Ngizosungula izingxoxo ezahlukahlukene lapho amantombazane amancane azovula isifuba ngezinkinga ezibathintayo mihla namalanga,” kush uZinhle.
UZinhle uthe ufuna ukusebenzisa ipulatifomu yakhe ukukhuthaza abanye abantu besifazane abasebasha ukuba bakhulume ngezinkinga abasabayo ukukhuluma ngazo ezinomthelela omubi ezimpilweni zabo.
“Kuyadabukisa ukuzwa izindaba zamantombazane amancane aphucwa impilo ngaphambi kokuba afeze amaphupho awo. Kunesidingo sokuthi kumele kukhulunywe ngezinkinga ababhekana nazo futhi lokhu kumele kwenziwe intsha esakhula.