Owezimoto waseGoli uhanjelwa izinkumbi zabantu 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Kulabo abathanda iphunga nomsindo wamasondo aklebhulayo, i-adrenaline yezimoto ezihamba ngesivinini esiphezulu noma ukubukeka kwakudala kwezimoto ze-Formula N, i-Rock Raceway e-Brakpan iyindawo ongaba kuyo!

Njengoba itholakala kwi-Main Reef Road eGoli, lesi sikhungo sezimoto siholwa uTim “Mr Rock” Stephens, kanti lo mjaho ungaphansi kwenkampani i-World of Motorsport ZA.

Kuyikhaya lazo zonke izibukeli zomjaho we-diehard drag, i-drifting kanye nabathandi bezimoto zezinhlobonhlobo.

Umjaho uhlinzeka ngezinhlobonhlobo zemicimbi yezimoto efana ne-Wicked Wednesday Nites, “ebanjwa masonto onke ebusuku kanti abathandayo ukuzobukela bamukelekile ukuletha izimoto zabo ezilungisiwe, izithuthuthu kanye nezimoto ezisezingeni eliphezulu ukuze baqhudelane, balandelele futhi bababaze,” kusho uStephens.

“Kuphinde kube nemicimbi yokugijima kanye neye-oval, ethandwa kakhulu izinkumbi zabantu.”

Ugqozi lokusingatha le micimbi bekuwukunikeza indawo ephephile yabathandi bemidlalo yezimoto ukuthi baphume bonke ngaphandle kokufaka engozini abanye abasebenzisi bomgwaqo noma abahamba ngezinyawo.

“Njengoba wonke umuntu azi izingozi zenzeka njalo emigwaqeni yethu; le ndawo ihloselwe ukususa izingozi ezihilelekile emijahweni ye-drag racing kanye ne-spinning, njll, ezindaweni zomphakathi.

“Sikhuthaza umphakathi wethu wabahlanganyeli ukuthi ungaphuli umthetho futhi ugcine wonke umuntu ephephile emigwaqeni yethu,” engeza.

Esithombeni esingenhla: I-Rock Raceway

Umthombo wesithombe: @muzi_mlot

Izihloko zakamuva