
Everson Luhanga noKamogelo Olaitan
NgoMbasa ngonyaka odlule, isibhedlela iCharlotte Maxeke Academic, esinye sezibhedlela ezinkulu zaseGoli savalwa ngemuva kokungqongisa umlilo.
Ingxenye yesibhedlela yavulwa ngoNtulikazi kodwa ibhilidi lagcwala amanzi ngenxa yokuqhuma kwepayipi ngoLwezi. Lokhu kuphoqe ukuthi kuvalwe amawodi ayisikhombisa abenemibhede engu-200 namawodi amabili okufakwa kuwo asebegula kakhulu.
Manje, cishe ngemuva konyaka, akukho okutshengisa ukuthi iCharlotte Maxeke izosebenza nini ngokugcwele.
Lesi sibhedlela besingenawo amawodi abantu abalimele noma izindawo zokuhlukumezeka kusukela ngoMbasa kanti iziguli bekumele zidluliselwe kwezinye izibhedlela.
USolwazi Adam Mohammed umphathi we-Internal Medicine, ubhalele uMengameli uCyril Ramaphosa incwadi echaza ngesidingo sokusheshisa ukulungiswa kwesibhedlela.
Encwadini, uthe ukuvalwa okuqhubekayo kanye nokunganakwa kwesondlo kanye nokulungiswa kwezakhiwo kudala inkinga ezweni.
“Bangaphezu kuka-2,000 abantu abebelinde ukuhlinzwa emehlweni kodwa kuhoxisiwe ngenxa yalesi simo,” ebhale encwadini.
Uthe isibhedlela asikwazanga ukuhlinzeka ngisho nezidingongqangi.
“Sizama ngakho konke okusemandleni ethu. Siyazi ukuthi iCharlotte Maxeke yisikhungo sesigaba sokuqala futhi umthwalo wokuhlukumezeka e-Bara ne-Helen Joseph awukholakali. Abantu bayafa belinde ukulashwa kulayini ,” kusho u-Adam.
URamaphosa akakayiphenduli le ncwadi.
Ephendula imibuzo ye-DA kwisishayamthetho e-Gauteng, uNgqongqoshe weziNgqalasizinda uTasneem Motara uthe izingxenye zesibhedlela zizovulwa ngonyaka ka-2023.
Esitatimendeni uMnyango wezeMpilo e-Gauteng uveze ukuthi cishe isibhedlela sizodinga u-R1.1 billion ukusilungisa.