Owezempilo uphendula ngokungcola kwesibhedlela sase-Tembisa 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ividiyo eshaqisayo ethathwe esibhedlela sase-Tembisa iveze isimo esibi iziguli esibhekene nazo mihla namalanga.

NgoLwesine owesilisa obehambise ingane yakhe esibhedlela uthukile ngesikhathi efica elinye lamawadi ligcwele iziguli ebezilele phansi, kukhona nezingubo ezingcolile nenqwaba yemfucuza.

Uthathe isinqumo sokuthwebula leso sigameko.

Kule vidiyo isiguli esikhulile sibonakala sibhince ithawula sihleli phansi eduze kombhede ongandluliwe kuphinde kubonakale izinkomishi ezingcolile ne-linen yombhede engcolile.

“Bhekani ukuthi abantu bakithi bagcinwe endaweni ekanjani. Ngiyibiza ngendawo abagcinwe kuyo ngoba awukwazi ukubiza le ndawo enobunuku kanje ngesibhedlela,” kusho lo mlisa ethatha ividiyo.

Ngakolunye uhlangothi lwegumbi udokotela unakekela isiguli embhedeni.

Ngemuva kokubikelwa ngale vidiyo uNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi uthe sizolungiswa isimo sesibhedlela sase-Tembisa.

“UNgqongqoshe Wezempilo uNomantu Nkomo-Ralehoko uvakashele lesi sibhedlela ukuyobheka lesi simo esingamukelekile. Konke sekulungisiwe,” kusho uNgqongqoshe ohambele lesi sikhungo ngoLwesihlanu.

UNdunankulu usecele uNkomo-Ralehoko ukuba athathele izinyathelo ezifanele ubuholi besibhedlela.”

Esitatimendeni uMnyango wezeMpilo e-Gauteng uthe ngoLwesine kube nesikhathi lapho uphiko lwe-Accident and Emergency  esibhedlela sase-Tembisa beluthola iziguli eziningi kakhulu.

Isibhedlela okwamanje siphezu kwezinhlelo zokuphothula iwadi elizosetshenziselwa ukuqeda ukuminyana kulolu phiko,” kufundeka isitatimende. 

UMnyango uthe baningi kakhulu abantu abasuke bedinga usizo kulesi sibhedlela sase-Tembisa. 

“Isibhedlela sase-Tembisa isona sodwa isibhedlela esisenyakatho yase-Ekurhuleni futhi isikhungo asizijikisi iziguli noma sesigcwele.”

UMnyango wengeze ngokuthi uyasamukela isimemezelo sikaLesufi ekuqaleni kwesonto sokuvulwa kwesibhedlela esisha esizovala isikhala sesibhedlela i-Kempton Park.

Isithombe esingenhla ngesesibhedlela sase-Tembisa

Umthombo wevidiyo: Abramjee

Izihloko zakamuva