Karabo Rammutla
Amalungu e-EFF ashaywe kanjalo kwashiswa namafulegi eqembu lawo ngesikhathi kuqubuka udlame ngaphandle kwasesibhedlela i-Kalafong ngoLwesine ekuseni.
Sekuphele amasonto ambalwa amalungu enhlangano i-Operation Dudula emi ngaphandle esibhedlela i-Kalafong evimbela abasolwa ngokuba abaphuma emazweni angaphandle ukuthi bangene kulesi sikhungo.
NgoLwesithathu amalungu e-EFF aqale ahilizisana namalungu e-Operation Dudula ebaxosha esibhedlela. Amalungu eDudula afunge agomela ukuthi azobuya ngakusasa – nangempela abuya.
Amalungu e-Operation Dudula akhulume ne-Scrolla.Africa athe ashise amafulegi e-EFF njengendlela yokugubha ukubahlula kwabo.
Kudingeke ukuthi kufike uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla ukuthi azodambisa isimo.
UPhaahla uhlangane nobuholi beDudula kanye nabaphathi besibhedlela, lapho okuvunyelwanwe khona ukuthi iDudula iyeke ukuvala isibhedlela.
Unxuse amalungu e-Operation Dudula ukuthi engazithatheli umthetho ngezandla.
“Sizibhekisise kahle izikhalazo zabo njengolayini abade nezinsolo zabantu abenza sengathi bayagula kanti bafuna ukudayisa imishanguzo.
UPhaahla uthe bavumelene ngokuthi amalungu eDudula akumele aphazamise ukusebenza kwesibhedlela futhi kumele abikele iziphathimandla.
“Sizoxoxisane namazwe angomakhelwane kanye namanxusa ukuthi singabhekana kanjani nalolu daba lweziguli eziphuma emazweni angaphandle. Kubuye kube nzima kubasebenzi bezempilo ukuthi baxhumane nezinye zalezi ziguli uma zidinga imvume zokuhanjiswa e-theatre,” esho.
I-EFF ithe iyalele amalungu e-Operation Dudula ukuthi ahambe ngemuva kokuthi amaphoyisa ehluleke ukwenza ngokomyalelo wenkantolo otholwe uMnyango wezeMpilo ngoLwesihlanu, othi amalungu eDudula asuke ngaphandle kwesibhedlela.
Okhulumela i-EFF eGoli uPhillip Makwala, uthe ababalekanga kodwa amalungu eqembu lakhe ebengalwi namuntu. Bebekhathazekile nje ngokuthi amaphoyisa awenzi lutho ngomyalelo wenkantolo.