OwezeMfundo ugxeka abafundi abachitha ukudla kwesikole

Intatheli yeScrolla.Africa

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, uMatome Chiloane uthumele umbiko  mayelana nezibhelu zasenkantini yesikole samabanga aphezulu i-Alexandra ngesonto eledlule.

Ividiyo esabalele ekhombisa abafundi bephuthuma ekhishini lesikole bejikijela okubukeka njengepapa nelayisi.

Uhulumeni uzame ukuchaza lezi zimo ezinesiphithiphithi njengesasasa lokudla kosuku. 

“Abafundi kumele bame ulayini ngokulandelana kwamabanga abo ukuze bathole ukudla kwasemini.”

Ngokusho koMnyango abafundi bathanda uPhuthu nobisi kangangokuthi abakwazanga ukulinda ithuba labo kulayini ukuze bezokwazi ukuphaka.

“Kusolakala ukuthi baqale ukuphusha abanye abafundi, kwasuka umsindo kolayini kwaphazamisa ulayini wesidlo sasemini,” ngokubhalwa kwesitatimende.

“Kulesi siphithiphithi kubikwa ukuthi abafundi abadala bathathe ibhodwe lokudla balihudula ukuze baziphekele.”

Kodwa kwividiyo kubonakala abafundi ababili noma abathathu bedla epuletini, kodwa abanye belahla ukudla.

Esitatimendeni uMnyango usigxekile lesi senzo wathi, “abafundi bakhombise ukuziphatha ngendlela engamukelekile ngokulahla ukudla okulungiselelwe bona ngesikhathi sesidlo sasemini.

“Ngeshwa ividiyo yalesi sigameko esingemnandi isabalele kakhulu futhi sekuqubuke imibiko engamanga.”

I-Scrolla.Africa sixoxisane nesisebenzi  esidalule ukuthi izingane zikhathele ipapa futhi azifuni ukulidla.

Isitatimende siphinde sithi abaqale lokhu bahlonzwe ekuseni ngoLwesihlanu ngomhlaka-27 kuMasingana ngo-2023, kusetshenziswa izithombe zekhamera yokuqapha esikoleni.

Labo bafundi bamisiwe esikoleni kuze kube kuqulwa icala lokuqondiswa kwezigwegwe okuhlelelwe inamhlanje.

Isithombe esingenhla: Isithombe se-skrini sevidiyo

Umthombo wevidiyo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva