Lubhalwe nguLungani Zungu
UZanele Sifuba (56) we-ANC okwasabalala amavidiyo akhe ocansi nyakenye wehlulekile ukungena ohlakeni oluphezulu lwe-ANC olunamalungu angu-30 e-Free State.
Umkhankaso oqinile kaSifuba wokuthi aphinde aqokelwe esikhundleni sokuba kwiKomiti eliPhezulu lesiFundazwe (PEC) elinamandla kakhulu ngaphambi kwengqungquthela eyayinezinxushunxushu ngesonto eledlule awuzange uveze imiphumela.
Amagatsha awamkhethanga.
Engqungqutheleni yokugcina eyayinombango ngo-2018 wakhethwa endaweni yesi-27 kwi-PEC.
USifuba onguSomlomo wesiShayamthetho wase-Free State wabandakanyeka ehlazweni locansi ngemuva kokuputshuka kwamavidiyo akhe awenza ngomakhalekhukhwini okusolakala ukuthi aputshuzwa ngowesilisa owayemqola nyakenye.
Kuthiwa indoda engaziwa yayifuna imali engu-R300 000.
Ngesikhathi enqaba lo mlisa waputshuza amavidiyo lapho uSifuba ayebonakala ezithinta khona ngesikhathi owesilisa – owayengabonakali ubuso – ephulula induku yakhe.
Ividiyo yathatha imizuzu emibili kodwa yacishe yanqamula umsebenzi kaSifuba osekuthathe amashumi eminyaka ukuwakha. Kodwa-ke, ozakwabo abangamalungu e-ANC Women’s League amvikela ngokushesha.
Bathi lokhu kuwukwephulwa kwemfihlo nokuhlukumeza okwenziwa umuntu osolwa ngokuqola.
Wasinda wagcina isihlalo sakhe sokuba uSomlomo wesiShayamthetho kodwa ifu lehlazo laqhubeka nokumlandela.
Kukholakala ukuthi ukwehluleka kwakhe ukuthi aphinde aqokwe kwi-PEC ngeke kumataniswe ngokuphelele nehlazo lamavidiyo ocansi.
Amalungu amathathu kuphela e-PEC abuyile kwangu-30 akhethwa ohlakeni olwahlakazwa ngo-2018.
Lokhu kwenzeka njengoba bonke abanye ababambisene naye – okuhlanganisa noNdunankulu wamanje uSisi Ntombela ongumsekeli omkhulu ka-Ace Magashule – naye uhlulwe kwesokuba uSihlalo we-ANC.
Umsekeli omkhulu kaMengameli Cyril Ramaphosa e-Free State, uMxolisi Dukwana uphumelele ngamalengiso wathatha izintambo njengoSihlalo omusha wase-Free State.
Njengoba sekuphethe unogada omusha ikusasa libukeka limfiliba kuSifuba kanye noNdunankulu uNtombela – njengoba seziqalile iziphakamiso zokuthi ubuholi obusha benze izinguquko ezinhle kwiKhabhinethi yesifundazwe nesiShayamthetho.
Uma kubhekwa ubutha obukhona phakathi kwabahambisana noDukwana nabalandeli bakaNtombela, ukuguqulwa kweKhabhinethi kungenzeka emasontweni azayo.
Okwamanje uDukwana uqinisekise uNtombela ukuthi usenguNdunankulu wesifundazwe.
Esithombeni esingenhla: UZanele Sifuba
Umthombo wesithombe: People’s Assembly