Owethenisi usubheke kowandulela owamanqamu

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UCarlos Alcaraz noNovak Djokovic babheke umqhudelwano omkhulu owandulela owamanqamu njengoba ama-quarter-final ebheke kuRoland Garros.

U-Aryna Sabalenka weqe ukuhlangana nesithangami sabezindaba ngesikhathi abadlali ababili uMiyu Kato kanye no-Aldila Sutjiadi bekhishwa emqhudelwaneni kule mpelasonto edlule.

UBelarusian Sabalenka ocelwe ukuthi aphawule ngempi yase-Ukraine ekuqaleni komncintiswano, ukhethe ukungayi esithangamini nabezindaba ngemuva kokuhlula owaseMelika uSloane Stephens ngo-7-6(5), u-6-4 ukuze azibekisele indawo emidlalweni eyisishiyagalombili edlule.

UKato wase-Japan noSutjiadi wase-Indonesia, bebehamba phambili (3-1) kwisethi yabo yesibili ngemuva kokushaywa ibhola ekhanda okuholele ekutheni umdlalo uphele ngendlela eyindida.

Izikhulu nabadlali babe nengxoxo futhi laba bobabili bakhishiwe okuholele ekutheni uSara Sorribes Tormo noMarie Bouzkova badlulele emzuliswaneni olandelayo.

Ongumdlali wesikhombisa wase-Tunisia, u-Ons Jabeur uphinde wahlula uBernarda Pera ukuze angene kuma-quarterfinal okuqala e-French Open ngemuva kokuqeda ebambe isibili e-Wimbledon ngonyaka odlule.

Okuqokwe kule midlalo bekumele kube okwaDjokovic no-Alcaraz njengoba lo mdlali wase-Serbia ubebheke irekhodi labesilisa le-Grand Slam ka-23 ukuze adlule uRafael Nadal olimele.

U-Alcaraz, oshaye uLorenzo Musetti wase-Italy ngo-6-3, u-6-2, kanye no-6-2 uzobe esendleleni kaDjokovic uma bobabili bengene kowamanqamu.

“Ngiyaziqhenya ngawo wonke amarekhodi, kodwa futhi kusho ukuthi ngiyaphila,” kusho uDjokovic oneminyaka engu-36, kubika i-Reuters.

“Bekuyizinga eliphezulu lo mdlalo wethenisi engike ngadlala kuwo ngakho nganeliseke kakhulu.”

Isithombe esingenhla: UNovak Djokovic

Umthombo wesithombe: @theafriyie_

Izihloko zakamuva