Owethenisi useshintshe ubuzwe

Dylan Bettencourt

Umdlali wethenisi wase-Russia uthathe isinqumo sokushintsha ubuzwe bakhe ukuze agweme ukuvinjelwa kwi-Wimbledon.

UNatela Dzalamidze obengazimisele ukuphuthelwa i-Grand Slam yesithathu yonyaka ushintshe ubuzwe bakhe njengoba engowase-Russia kodwa ukushintshile konke lokho wakhetha ukuba ngowase-Georgia ukuze angenele lo mqhudelwano. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ubekwe endaweni ka-44 futhi ngemuva kokugunyazwa ukushintsha kwakhe ubuzwe usezobonakala kumqhudelwano 

UDzamamidze uzodlala nozakwabo u-Aleksandra Krunic uma kuqala i-Wimbledon ekupheleni kwenyanga.

Isinqumo sakhe size ngemuva kokuthi i-All England Club imemezele ukuthi akekho umdlali wase-Russia noma wase-Belarus ozovunyelwa ukudlala ngenxa yokuhlaselwa kwe-Ukraine.

Isitatimende siveze ukuthi “angeke kwamukeleke ukuthi umbuso wase-Russia nowase-Balarusian uzuze noma iziphi izinzuzo ezizotholakala kulo mqhudelwano.”

I-All England Club ithe abanayo indima abangayidlala ekuguquleni ubuzwe bukaDzalamidze.

Ushintsho lwenziwe iNhlangano yethenisi yabesifazane kanye ne-International Tennis Federation njengoba esenepasi elisemthethweni elivela e-Georgia.

“Ubuzwe babadlali obuchazwa njengefulegi abadlala ngaphansi kwalo emicimbini yobungcweti, kuyinqubo okuvunyelwene ngayo elawulwa ukuvakasha kanye ne-ITF (i-International Tennis Federation),” kusho okhulumela i-All England Club.

Akukacaci ukuthi uDzalamidze unobuzwe kanjani base-Georgia njengoba azalelwa e-Moscow ngonyaka ka-1993 kodwa isibongo sakhe esase-Georgia.

I-Wimbledon iyona kuphela kuma-Grand Slams amane kulo nyaka evimbela abasubathi base-Russia noma base-Belarusian ukuthi bangenele umqhudelwano ngemuva kokuthi i-US Open imemezele abasubathi bakulesi sifunda ukuthi bazoqhudelana ngaphansi kwefulegi elingathathi hlangothi njengoba benzile kwi-French Open.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva