Owethenisi unqobe engenalo ithemba

Dylan Bettencourt

UNovak Djokovic uzithole eshaye ama-set amabili ebhekene noJannik Sinner kwi-quarter-final e-Wimbledon engenalo ithemba lokuthi angadlulela esigabeni sesine sokugcina.

Lesi sihlabani sethenisi sase-Serbia isona sodwa ebese sisele ukuthi sikhishwe kwi-Grand Slam ayiwine nyakenye.

Ngemuva kokulahlekelwa isethi yesibili uDjokovic uthathe ikhefu waya endlini yangasese okuyinto ayibize ngokuthi kube ukuguquka kwezinto. 

“Ikhefu lokuya endlini yangasese liguqule izinto. Ngifike ngazibuka esibukweni ngaphimisela amazwi ngikhuluma ngedwa,” esho emamatheka ngemuva komdlalo.

UDjokovic ube esewina amasethi amathathu okugcina ukuze aqedele ukubuya ngendlela emangalisayo ehlula lo wesilisa wase-Italy wanqoba umdlalo ngo 5-7, 2-6, 6-3, 6-2, 6-2.

Ukuthatha ikhefu aye endlini yangasese kuyisu uDjokovic abelisebenzisa esikhathini esidlule.

“Ngakwenza lokho ngemuva kokuthi ngilahlekelwe amasethi amabili kowamanqamu kwi-Roland Garros nyakenye ngibhekene noStefanos Tsitsipas. Bekumele ngishintshe okuthile ngoba bengingadlali kahle lokho kungiphatha kabi,” kuchaza umdlali wethenisi.

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala uhlose ukuwina i-Grand Slam yakhe yokuqala yonyaka ngemuva kokungakwazi ukuqhudelana e-Australia kanye nokukhishwa ku-French Open.

Usevele waveza ukuthi ngeke angenele i-US Open ngasekupheleni konyaka ngenxa yemithetho yokugoma yaseMelika.

Ngakho-ke i-Wimbledon ilona ithuba lakhe lokunciphisa igebe kwirekhodi likaRafael Nadal elinezicoco ezingu-22 ze-Grand Slam. Njengamanje uDjokovic unama-Grand Slams angu-20 egameni lakhe.

Nokho ukuze anciphise lelo gebe kufanele adlule kuCameron Norrie kowandulela kowamanqamu ngoLwesine.

“Ngiyazi okufanele ngikulindele njengokwesekwa isixuku nakho konke,” kusho uDjokovic.

“Akukho okuningi okumele kulahleke. Konke ukunqoba kusukela manje kuya phambili kuyinto enkulu kuyena.”

Ukushaya uDjokovic kwi-Wimbledon kukhulu ngendlela okwenzeka ngayo.”

UDjokovic uzobhekana neqembu lase-Britain ngoLwesine ntambama kanti ophumelele uzothola indawo kowamanqamu ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @Wimbledon

Izihloko zakamuva