
Dylan Bettencourt
UNovak Djokovic uzovunyelwa ukuvikela isicoco sakhe se-Wimbledon kulo nyaka ngemuva kokuqinisekiswa ukuthi abadlali abangagonyiwe bazovunyelwa ukuthi bangenele umqhudelwano.
Lo mdlali wase-Serbia akazange avunyelwe ukungenela i-Australian Open ngemuva kokuthi enqabe ukugoma okuyisigameko esiholele ekudingisweni kwakhe.
Kamuva wavuma ukuthi wasenga ezimithiyo kwi-visa yakhe ukuze akwazi ukungena e-Australia.
Lo mdlali wethenisi waphinde wafika ngesikhathi kuthathwa izithombe endaweni yakubo yase-Serbia, kodwa ehlolwe ukuthi une-Covid-19.
Kodwa-ke lo mdlali oneminyaka engu-34 osanqabile ukudalula ukuthi ugonyiwe noma cha uzothola ithuba lokungenela umqhudelwano we-Grand Slam.
Isikhulu esiphezulu se-England Lawn Tennis Club uSally Bolton sithe izinto ezibekwe nguhulumeni zokungena e-UK azifaki ukugoma okuyimpoqo.
“Ngakho-ke yize kubalulekile ukugoma, kodwa akusiwo umbandela wokungena,” kusho uBolton.
UDjokovic onezicoco ezingu-20 ze-Grand Slam uzobe ebheke ukudlula irekhodi likaRafael Nadal lezicoco ezingu-21.
Ukwenqaba komdlali wethenisi ohamba phambili emhlabeni nokuveza isimo sakhe sokugoma kubukeka sengathi kuzomvimba ezintweni eziningi njengoba i-Covid-19 isalokhu iyisici.
Kodwa-ke njengoba amazwe amaningana elahla izidingo zokugoma ukuze angene uDjokovic uzokwazi ukuqhudelana esiteji esikhulu.
UDjokovic ubengathanda ukuba ngowokuqala wesilisa ukunqoba ama-Grand Slam angu-21, kodwa uNadal wafuna lokho kuhlonishwa kwi-Australian Open.
Ekhuluma ngemuva komqhudelwano uDjokovic uthe angamane aphuthelwe izicoco namarekhodi uma ephoqeleka ukuthi agonywe ukuze adlale.
Kodwa-ke lo mdlali wase-Serbia usezokwazi ukudlala kwi-French Open kanye ne-Wimbledon okuwukuphela kwe-Grand Slam esele kwi-US Open.
UDjokovic akazange avunyelwe ukubamba iqhaza emiqhudelwaneni ye-Indian Wells ne-Miami Open ngenxa yemikhawulo yokugoma.
Lesi sihlabani sethenisi asikabi sesimeni esihle kakhulu size safinyelela kowamanqamu okokuqala ngempelasonto, sihlulwe ekhaya.
I-Wimbledon ihlelelwe ukuthi iqale ngomhlaka-27 kuNhlangulana kuze kube mhla ziyishumi kuNtulikazi.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes