Dylan Bettencourt
UNovak Djokovic ukulungele ukuphuthelwa i-US Open ngokuhamba kwesikhathi kulo nyaka njengoba esanqaba ukugomela i-Covid-19.
Lesi sihlabani sethenisi sase-Serbia sike saba sematheni ngoMasingana ngesikhathi sixoshwa e-Australia ngenxa yokwenqaba ukuveza isitifiketi sokugomela i-Covid okwathu ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi wayeqamba amanga.
Yize uDjokovic engenele i-French Open futhi usezoqhudelana kwi-Wimbledon, kodwa kungenzeka aphuthelwe i-Grand Slam yokugcina yonyaka.
Iziphathimandla zaseMelika azikhombisanga zimpawu zokuxegisa imithetho yokugoma izivakashi okushiye u-Djokovic evuma ukuthi i-Wimbledon izoba i-Grand Slam yakhe yokugcina yonyaka.
Ngesikhathi ebuzwa lo wesilisa oneminyaka engu-35 ukuthi akakuthandi yini ukugomela i-covid uvele waphendula ngokuthi “Yebo.”
UDjokovic uwine i-US Open amahlandla amathathu futhi wagcina ukunqoba i-Grand Slam ngonyaka ka-2018.
Kodwa lo mdlali wase-Serbia unezicoco ezimbili ze-Grand Slam ngemuva kwembangi yakhe uRafael Nadal kanti lo mdlali wase-Spain unezicoco ezingu-22 kanti uDjokovic uphethe ezingu-20.
Ngakho-ke uDjokovic ngeke akwazi ukuvala igebe likaNadal kulo nyaka.
“Kusukela namuhla angivunyelwe ukungena phesheya ngaphansi kwalezi zimo. Kuzomele ngenze kahle lapha ngethemba lokuthi ngizoba nomqhudelwano omuhle kakhulu,” kusho uDjokovic e-London.
“Ngingathanda ukuya phesheya. Kodwa kusukela namuhla lokho ngeke kwenzeke. Akukuningi engingakwenza.
Sekukuhulumeni waseMelika ukuthi enze isinqumo sokuthi uyabavumela noma cha abantu abangagonyiwe ukuthi bangene eMelika.”
Njengoba i-Wimbledon iqhubeka ngoMsombuluko uDjokovic usethubeni lokuwina isicoco sakhe sesine kulandelana futhi kungenzeka ajoyine abambalwa abakhethiwe.
UBjorn Borg, uPete Sampras kanye noRoger Federer kuphela abanqobe izicoco ezine ezilandelanayo ku-Grand Slam yase-England.
Indlela kaDjokovic eya kowamanqamu iqala ngoMsombuluko ngehora lesibili ntambama njengoba ezobhekana khona noKwon Soon-Woo.
Umthombo wesithombe: @USOpen